UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal, kuzomele uthole amasu ozowasebenzisa ukuze uqinisekise ukuthi ukubhala kwabafundi bakamatric, akuphazamiseki eMtubatuba.
Inyunyana yothisha iNational Teachers Union (NATU), ithi ngokubona kwayo mancane amathuba okuthi izikole ezikhahlamezile zingalungiswa ngezinsuku ezimbalwa esezisele, ngaphambi kokuthi kuqale ukubhalwa kwezivivinyo zikamatric, ngesonto elizayo.
Le nyunyana isho kanjena nje, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe ihhovisi lakhe lizokwenza konke okusemandleni alo ukuthi kulungiswe amakilasi alimele, noma kulethwe angomahamba nendlwane ukuze kungaphazamiseki ukubhala kukamatric ezindaweni ezikhahlanyezwe yimvula nesiphepho ngempelasonto. Le mvula ebihambisana nesiphepho icekele phansi izindlu, nezikole eziningi eMtubatuba, eMkhanyakude.
Ziwu-34 izikole ezinamakilasi acekeleke phansi ezingaphansi koMkhanyakude, kanti eziyisishiyagalombili kuzo ezamabanga aphezulu. Ezinye zidilikelwe amakilasi aphakathi kwamabili kuya kwamahlanu kanti kwezinye kuphephuke uphahla.
UNkk Dube-Ncube, uthe uzokwenza isiqiniseko sokuthi zonke izinhlaka zikahulumeni zenza umsebenzi wazo ngokushesha.
Undunankulu uqhube wathi ukuze abafundi babuyele ezikoleni kudingeka ukuthi kukhucululwe udoti, kufakwe amakilasi angomahamba nendlwane, lapho kungenzeka khona kulungiswe amakilasi athintekile ngokushesha ukuze kungaphazamiseki ukubhala kukamatric okuqala ngesonto elizayo.
“Umonakalo owenzekile mkhulu kakhulu, uhulumeni wesifundazwe uwodwa ngeke ukwazi ukuwulungisa. Ngisazocela ihhovisi likaMgcinimafa ukuze lilekelele,” kusho uNkk Dube-Ncube.
UMnuz Sibusiso Malinga owuMengameli weNatu, uthe bona njengenyunyana abakholwa ukuthi uMnyango wezeMfundo, ungakwazi ukulungisa izikole ezikhahlamezekile noma ukwazi ukufaka amakilasi angomahamba nendlwane ngaphambi kokuthi kubhale umatric.
"Umlando womnyango usitshela ukuthi awukwazi ukusukuma ngokushesha. UMnyango wezeMfundo uhluleke ukunikeza izikole imali yokuthi zibe nezinsiza ezifanele zokufunda phakathi nonyaka. Uma kungenzeka lokho kusho kuthi ukubhala umatric yikona okubalulekile kunokufunda. Ziningi izikole ebezilinyazwa yizimo zezulu ezingalungisiwe. Umnyango awuqhamuke nesu lokuthi umatric wakule ndawo uzobhala kanjani ngoba akukholeki ukuthi ngalezi zinsuku esezisele kukhona ongenziwa, uma sibheka umlando," kusho uMalinga.
UNkk Dube-Ncube, uthe zingu-600 izindlu ezikhahlamezekile ngesikhathi kuhlasele imvula nesiphepho.
Omasipala abathintekile, uthe Inkosi Mtubatuba, ongaphansi koMkhanyakude, iGreater Kokstad noMzimkhulu ongaphansi kweHarry Gwala, iMpofana engaphansi koMgungundlovu, umasipala wasoLundi ongaphansi kweZululand noThukela.