ZISHE zangqongqa izingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kwemithathu nemine KwaMatatane eXobho kuMasipala uBuhlebezwe.
Izingane okuvele ukuthi zingomakhelwane futhi zivela emindenini emithathu kuthiwa bezidlala endlini engurawondi endala engasasebenzi ngesikhathi zivelelwa yilo mshophi.
Isigameko kuvele ukuthi senzeke ngoLwesibili ntambama.
Ngokuthola kweSolezwe kubonakale sekushunqa intuthu kule ndlu, kwathi uma kusondela umphakathi kwatholakala ukuthi kunezingane ebezidlala.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe usethumele ithimba lakhe eliyosiza imindeni ethintekayo.
Namhlanje kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe ehambisana noNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala bahambele imindeni.
“Kukholakala ukuthi izingane ezineminyaka ephakathi kwemithathu nemine bezidlala endlini endala ngesikhathi iwela phezu kwazo emuva kokusha kophahla. Kusazophenywa ukuthi lokhu kwenzeke kanjani. Kuyinto ebuhlungu ukushona kwezingane ngale ndlela abazali besabheke lukhulu kuzona. Kubuhlungu futhi sishaqekile ngesigameko. Amaphoyisa asaphenya ukuthi umlilo uqale kanjani. Yize kunjalo kumele sigcizelele ukuthi kumqoka ukuthi abazali bagade izingane zabo uma zidlala,” kusho uKhoza.
UMnyango uthe uzolekelela imindeni ngohlelo lokwelashwa ngokomqondo.
Izolo imizamo yokukhuluma nemindeni ayizange iphumelele.