MBALI KHANYILE
NGOKUJWAYELEKILE izinkukhu ezisetshenziswa ngabantu abasuke benza umkhuba wokukhipha amabhadi nesinyama, kuba uhlobo lwezilwane ezitholakala kude.
Kodwa muva nje, sekunomkhuba owenziwa yilabo abaqoqa lezi zinkukhu ezigangeni nasemabhishi ezitholakala zizulazula kuwo.
Lezi zinkukhu zitholakala zithwayiza ezindaweni ezisemadolobheni kuhle komntshingo ubethwa ngubani.
Ephephandabeni elinguzakwabo weSolezwe ngeSonto, i-Independent On Saturday, uNkk Carol Lane ongumphenyi ozimele ozinze eWinkelspruit, eManzimtoti, udalule ukuthi izinkukhu zitholwa ngabantu abasuke behamba emabhishi, okwenziwa kuyo lemikhuba.
Ikhansela lendawo, uMnuz Andre Beetge, lithe umkhuba wokubulawa kwezilwane wande kakhulu emabhishi nasemifuleni engaphansi kwamawadi akhe.
Uthe zikhona izindawo abantu abavumelekile kuzo ukwenza imikhuba yabo kodwa ababe besabheka ukuthi bayenza kuziphi izindawo.
"Abantu abahlala emgwaqweni bayazithatha izinkukhu ezibulewe bazipheke maqede bazidle. Labo abasuke bezokwenza imikhuba bavamise ukubonakala beyenza bevathile. Abanye basuke beyobhabhadisana olwandle. Le mkhuba bayenza ekuseni kakhulu, lingakaphumi ilanga noma nebusuku bengabonwa umuntu," kulandisa ikhansela.
Lithe amabhishi angaphansi kwewadi lalo ahlanganisa, Isipingo Beach, Dakota, Pipeline Beach, Warner Beach, Amanzimtoti, Winkelspruit Beach, Umgababa noMkhomazi.
Phakathi kwamabhishi okuvumelekile ukuthi abantu benze imikhuba ubale Isipingo Beach, Dakota nelaseMgababa.
Isazi samasiko, uSolwazi Jabulani Maphalala, sithe nemali elahlwa yilabo abasuke beyokwenza imikhuba emabhishi, emfuleni nasezintabeni akumele nhlobo icoshwe.
"Abantu ababaziyo ubungozi bezinto ezisuke ziyokwenziwa ngesikhathi kukhiswa amabhadi abazixaki ngokusondela kulezo zindawo. Abenza lemkhuba baqala ezangomeni ezibanika imithi ethize enobungozi," kuchaza uMaphalala.
USolwazi Sihawu Ngubane, uthe ukudayiswa kwezinkukhu zokukhipha amabhadi kungaba nomthelela omubi ngoba zisuke zikhulunyelwe.
"Izinkukhu ziyakhulunyelwa kuthiwe konke okuyibhadi kushiwa kuzo. Wonke amabhadi alahliwe angaphumela kulabo abazitholayo," kuxwayisa uNgubane.