ZISAQHUBEKA izingxoxo zokuthola isisombululo ngerenki yamatekisi eduze kwenxaxathela yezitolo i-Oceans Mall.
NgoLwesihlanu, osomatekisi abakusoseshini iGreater North, uphiko lwezokuthutha kuMasipala weTheku nabaphathi be-Oceans Mall bahambele indawo okuhlelwa ukuthi ibe nerenki entsha.
Le ndawo izokwazi ukupaka amatekisi awu-120 bese iba neyokurenka amatekisi awu-90.
Emuva kokuhlolwa kwale ndawo kuye kwavunyelwana ngokuthi kufanele kwenziwe olunye ucwaningo oluzobhekisisa ukuthi zingaki izindawo zokupaka nezokurenka ezidingekayo.
Kulindeleke ukuthi kube nomunye umhlangano ozoba phakathi kophiko lwezokuthutha lukaMasipala weTheku, abanikazi be-Oceans Mall nobuholi bamatekisi kwiSantaco Greater North.
UMnuz Themba Kubheka okhulumela iGreater North, uthe uma sekuthuthukiswa irenki entsha abafuni ukuthi ibe kude naseMhlanga futhi abafuni ukupakiswa kude.
“Sikushilo esikufunayo sesizolinda ukuthi kube nomunye umhlangano sizwe ukuthi ngabe kuyenzeka yini okuphakanyiswa yithina. Okwamanje sisapaka khona eMhlanga,” kusho uKubheka.
UMnuz Brian Mpono oyisikhulu esiphezulu se-Oceans Umhlanga, uthe ngesikhathi bethuthukisa leya ndawo babezibhekela izinhlelo zezokuthutha umphakathi.
Uveze ukuthi irenki yesikhashana osomatekisi abasebenzela kuyona izonwetshwa ukuze irenke amatekisi awu-91 kanti izoqedwa kule nyanga.