KUSINDA kwehlela kwezinye zezikole KwaZulu-Natal, ezisabhekene nenkinga yokungabinamali ngoba uMnyango wezeMfundo esifundazweni, usazikweleta imali yama-norms and standards.
Kulezi zikole kuthiwa kusize imiphakathi esike izikhotha zotshani ngenxa yokwena ukuze kuvulwe izikole kubukeka.
Othishanhloko kuthiwa benza imizamo kanti abanye basebenzisa imali yabo ukuze kusebenzeke ezikoleni.
UNobhala we-Sadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe umnyango usakweleta izikole le mali njengoba ungakazikhokheli.
Uthe kusadonswa ngodizili ezikoleni futhi kusize imiphakathi yasika utshani, othishanhloko bashaya amaphakethe ukuze kusebenzeke.
Abanye uthe baye komashonisa ukuze bakwazi ukusebenza ngoba ugesi namanzi akukhokhelwe.
“Saba nomhlangano nomnyango ngalezi zinto ngaphambi kokuba kuvulwe izikole kodwa wasithembisa ukuthi okungenani ekupheleni kukaMashi, uzobe usukhokhe yonke into ngaphambi kokungena kwesabelomali esisha. Zikhona nezinye izinto esavumelana ngazo nomnyango ukuze izikole ziqale ukusebenza,” kusho uNksz Caluza.
Uthe bazoba nomunye umhlangano ngesonto elizayo ukuthola inqubekela phambili kuwona.
“Sifuna ukuthola ibanga eselihanjiwe emizameni yokuthola imali. Kunzima ezikoleni angifuni ukudlala ngawe, othisha basebenza noma kunzima.”
Ubuye wakhala nangosopolitiki abasesiShayamthetho, abajahe ukuvakashela izikole ngeledlule bemosha imali engabe iye kwezemfundo.
Uthe opolitiki bayazi ngosizi lo mnyango njengabantu abaphasisa isabelomali somnyango kodwa akukho abakwenzayo ukusombulula inkinga.
“Siyazi uhlelo lokuvakashela izikole kuyalalwa, kusetshenziswa izimoto abakhokhelwayo ngokuthi bahambe ngazo beya ezikoleni. Leyo mali bekumele iqoqwe bese ifakwa ezikoleni kunokuthi kwehliwe, kwenyukwa ekubeni kunenkinga enkulu ezikoleni zesifundazwe,” kusho uNksz Caluza.
Uthe yingakho beyiSadtu bebenemibhikisho ezindaweni ezehlukene ngeledlule lapho bekuhambele khona amalungu esiShayamthetho.
Minyaka yonke uSomlomo wesiShayamthetho kubalwa namalungu kanjalo nabaphathiswa nondunankulu, bahambela izikole beyohlola ukuthi kuvulwe kanjani.
Nakulo nyaka kube esifanayo njengoba amalungu abeholwa nguSomlomo neKhabhinethi abehambele ezikoleni ezehlukene.
Kuzoqoqwa umbiko ozothulwa esiShayamthetho ukuze kubhungwe okutholwe yilawa malungu.
Inhloko yomnyango uMnuz Nathi Ngcobo, ihlale ikuveza ukuthi babhekene nengwadla yemali emnyangweni.