BANGAPHEZU kuka-150 abasolwa abadutshulwe babulawa amaphoyisa eNingizimu Afrika kusuka ngo-Ephreli 2023.
Lokhu kuvezwe esithangamini nabezindaba ePitoli ngeSonto nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele.
Esikhathini esifanayo, angu-109 amaphoyisa adutshulwe abulawa.
UCele uthe iningi lamaphoyisa libulawe lingekho emsebenzini uma kuqhathaniswa nangu-36 asocongwe enza umsebenzi wawo.
UCele uthe sekuboshwe abasolwa abangu-83 ngamacala athinta ukubulawa kwamaphoyisa.
“Ukufa komuntu noma ngabe ubani akumele kube yinto ejatshulelwayo. Kodwa ukujabula komphakathi emuva kokubulawa kweqembu lemigulukudu KwaZulu-Natal (eMariannhill) naseMpumalanga kukutshela into ethile,” kusho uCele.
Ugcizelele ukuthi alikho iphoyisa okumele life liphethe isibhamu ngesandla.
Ube esewakhuthaza ukuthi ahlale eqaphile, avikele imiphakathi nawo uqobo futhi asiqinise isandla uma elwa nobugebengu.
Uphinde wakhipha izibalo ezithinta imikhankaso yamaphoyisa ekulweni nobugebengu nasekuzuzile.
UCele uthe ingu-1 171 imikhankaso ehleliwe yamaphoyisa esezingeni eliphezulu ababe nayo. Kuyona kuboshwe abasolwa abangu-3 749.
“Lapha kubalwa abasolwa abangu-173 ababoshelwe amacala okubulala, abangu-57 ngamacala okugwazisa nokuthumba. Abawu-768 baboshelwe ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, u-488 uboshelwe ukuphanga kwathi abangu-79 baboshelwa ukubamba imoto yemali,” kusho uCele.
Uqhube wathi abasolwa abangu-1 510 nabangu-214 baboshelwe amacala ezidakamizwa nathinta ukuvukuza ezimayini okungekho emthethweni.
Uveze nokuthi bevile ku-500 000 abantu ababoshiwe ngamacala ehlukene kusuka ngoMeyi 2023 kwethulwa i-Operation Shanela.
Uthe bashaqe impahla yenani likaR6.2 million, bahlakaza izidleke ezingu-16 okukhiqizwa kuzona izidakamizwa zenani elinguR161 million. Uveze nokuthi emikhankasweni yoKlebe kushaqwe izidakamizwa ezingabiza uR506 million kwaboshwa abasolwa abangu-148.
Ngempelasonto uCele ubesoThongathi, eThekwini emngcwabeni wephoyisa uSergeant Sibongiseni Khoza (37) odutshulwe wafa esemsebenzini eSundumbili.
UKhoza ushiye emhlabeni abantwana ababili, oneminyaka engu-12 nomunye oneyisithupha. UCele usongele izigebengu wathi asikho esizogila imikhuba bese siyolala endlini sibhekise amadolo phezulu.