NKOSIKHONA CELE
ZINGU-35 000 izigebengu ezikhalelwe ngamaSongo kaSigonyela ngamacala abucayi kusukela ngo-Ephreli wangonyaka owedlule kuze kube yimanje.
Lokhu kudalulwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Ubebize isithangami sabezindaba izolo eThekwini, ekweneka kabanzi ngesimo samacala ehlukene nangezokuphepha esifundazweni.
''Zingu-35 000 sezizonke izigebengu esizibophile kusukela ngonyaka owedlule kuze kube yimanje. Lokhu kungumsebenzi omuhle kakhulu obonakale wenziwa ngamaphoyisa,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi kulezi zigebengu kukhona ebeziboshelwa amacala okubulala, owokudlwengula, nawokweba. Wathi zilinganiselwa ku-11 000 izigebengu eziboshelwe amacala okubulala. Uthe amaphoyisa athole izibhamu ezingekho emthethweni ezilinganiselwa ku-953, nezinhlamvu ezingu-100.
"Ukutholakala kwezibhamu nezinhlamvu kusho ukusinda komphefumulo womuntu,'' usho kanjena uLt General Mkhwanazi.
UMkhwanazi uqhube wathi zilinganiselwa ku-331 izigameko ezimayelana nokusocongwa kwabantu kwezepolitiki okubalwa amakhansela, izikhulu zomasipala abehlukene nabantu nje abazibandakanya nepolitiki emazingeni aphansi.
Ukhuze izinhlaka ezibhekelele ubugebengu emiphakathini wathi mazingaphenduki zizenze amaphoyisa, kodwa okwabo ukusebenzisana namaphoyisa ukunqanda ubugebengu.
Wathi amaphoyisa asehambe ibanga elide ekuphenyweni kwamacala athinta ukusocongwa kwabantu belaliswa uyaca.
Ukhulume ngezigameko ezahlukene ebezenzeka ezingxenyeni ezahlukene zeKwaZulu Natal.
Wenze isibonelo ngesigameko sokubulawa kwabangu- 11 okwenzeka eMgungundlovu, nyakenye. Wathi kukhona asebeboshiwe mayelana nesigameko.
Mayelana nesigameko sokudutshulwa kwabangu-11 eZakheni, nonyaka nakhona uthe luyavuthwa uphenyo lwamaphoyisa.
Wathi usegwetshiwe uZwelakhe Nene ngesigameko sokubulala amalungu omndeni wakhe okwakuyamelene nezinkinga zomndeni.
Uthe ukwengezwa kwamaphoyisa angu-1500 ngaphambi kokhetho kulethe uzinzo esifundazweni. Wathi nakuba amanye esephindele kwezinye izifundazwe kodwa akhona amanye asasele.
Uthe basembhidlangweni wokuqinisekisa ukuthi ubugebengu buyancipha kusona sonke isifundazwe. Uthe babhunge kabanzi ngalokho emhlanganweni omqoka ababe nawo noNgqongqoshe omusha wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uMnuz Senzo Mchunu.