EHLILE amaphaphu kwabasebenzela inkampani yensimbi i-ArcelorMittal South Africa, emuva kokuzwa ukuthi ngeke isawavala amagatsha okubalwa eliseNewcastle, KwaZulu-Natal, noluseVereeniging, eGauteng.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule i-ArcelorMittal yayithe izovala uphiko olukhiqiza insimbi esetshenziswa ezimayini, ekwakhiweni kwamabhuloho, emizileni yezitimela nakwenye intuthuko edinga insimbi eqinile.
Lolu hlelo beluzoholela ekutheni kudilizwe abasebenzi abangu-3 500
INational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), ithe ehlile amaphaphu kubasebenzi abakade bezophelelwa wumsebenzi ukube uhlelo lokudiliza beluqhubeka.
Ithe kudingeka uhulumeni athathe indawo yakhe alungise izikhalo zenkampani ukuze izohlala ivuliwe ngoba akufanele kube nemisebenzi ephelayo.
Isikhulu esiphezulu sase-ArcelorMittal South Africa, uMnuz Kobus Verster, sithe okwenze ukuthi bangavali wukuthi bazimisele ngokunikeza ithuba izinhlelo zabo zokushintsha isimo ebhizinisi lensimbi.
“Sizoqhubeka sisebenzisane namakhasimende ethu nezinye izinhlaka ezithintekayo ukuze sazi ukuthi ifemu yethu yensimbi isebenza kahle e-Afrika eseNingizimu,” kusho uVerster.
Phambilini wathi akusikona ukuthi bafuna ukuphathwa ngendlela ehlukile kunaleyo okuphethwe ngayo ezinye izinkampani kodwa bafuna uhulumeni alungise izikhalo zemboni yensimbi ngoba bekungena insimbi yaphesheya eshibhile.
Wathi izinkinga zikagesi, ukuphazamiseka kwamaguzu nokuma kwezinhlelo zokuthuthukiswa kwengqalasizinda zibashayile.
UVerster uthe njengamanje kulokoza inhlansi yethemba ukuthi zizojika izinto emnothweni waseNingizimu Afrika, bese kudingeka insimbi eyakhiwe kuleli ezinhlelweni zengqalasizinda.