ISIMO silutsheku ebuholini be-ANC KwaZulu-Natal eyashaya udaka okhethweni lwangoMeyi, ne-ANC Gauteng, njengoba kuchithwe isiphakamiso sokuthi bungathintwa ubuholi be-ANC kulezi zifundazwe.
Lishone elayizayo amalungu esigungu esiphezulu kwi-ANC esephikisana ngokuthi ayabuhlakaza noma ajuba amalungu esigungu esiphezulu ukuba ayolekelela ubuholi bakulezi zifundazwe.
Ngesikhathi uqala umhlangano wesigungu esiphezulu bekukade kunanombono wokuthi buyekwe ubuholi, kepha ugcine uchithwa lo mbono.
Lokhu kushiwo okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, obekhuluma nezintatheli ngesikhathi kuqhubeka umhlangano oqale ngoMgqibelo.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe amalungu esigungu esiphezulu avumelane ngokuthi kukhona okufanele kwenziwe ngobuholi bakulezi zifundazwe okuyizona ezinabantu abaningi ababhalisele ukuvota.
“Abaholi be-ANC bafike bethula umbiko ekomitini elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke enhlanganweni, kwase kwethulwa umbono esigungwini esiphezulu. Imibono ibimithathu kodwa wabuye wachithwa lona omunye.”
I-ANC ayizange yenze kahle KwaZulu-Natal njengoba yathola u-17%, isuka ku-54%, manje isiyiqembu lesithathu ngobukhulu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Kanjalo naseGauteng i-ANC yahluleka ukunqoba ukhetho ngamalengiso njengoba yathola u-36%, isuka ku-50%.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe amalungu esigungu esiphezulu avumelane ngokuthi kukhona into okufanele yenziwe kulezi zifundazwe.
“Kusobala ukuthi kunezinkinga. Kuyabonakala ukuthi kunenkinga yokuhanjiswa kwezindingo kuzona zombili izifundazwe. Yingakho-ke manje sesixoxa ngalena emibili imibono, sibheka ukuthi ikuphi okungcono phakathi kwalezi zinto zombili. Kufanele kube khona ushintsho kulezi zifundazwe, asikwazi ukuqhubeka ngale ndlela.”
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela izolo, amalungu esigungu esiphezulu engakavumelani ngokuthi ikuphi okufanele kwenziwe phakathi kwale mibono emibili.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bazoqala ngokwazisa amagatsha enhlangano kuqala ngesinqumo sabo, ngaphambi kokuthi bazise abezindaba.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngoMgqibelo.
UMbalula uthe kubalulekile ukuthi okwenziwayo kuzona zombili izifundazwe, wathi abafuni ukulahlekelwa yilezi zifundazwe unomphelo njengoba kwenzeka ngeWestern Cape.
I-ANC yagcina ukuphatha eWestern Cape ngaphambi kokhetho lwango-2009, kusukela lapho isifundazwe silokhu siphethwe i-DA futhi i-ANC ayikhombisi ukuthi isazobuya.