ZIKHUNJUZWE ngokubaluleka kokuhloba ngemvunulo efanele izintombi nto zaseZululand ngesikhathi zenzelwe umcimbi, ‘iSiyaya eMhlangeni’ eCecil Emmet Park eVryheid ngempelasonto.
Lo mcimbi ubuhlelwe iMeya uMfu Thulasizwe Buthelezi kanti ngawo bekuhloswe ukulungiselela izintombi nto njengoba kubhekwe eMkhosini woMhlanga ozoba sesigodlweni eNyokeni KwaNongoma kule mpelasonto.
UMntwana uNombuso Zulu obeyingxenye yomcimbi uchithe isikhathi eside echaza ngokubaluleka kokuthi izintombi nto ziyazi imvunulo okufanele zihlobe ngayo uma ziya eMhlangeni.
Ucele uMkhandlu waseZululand ukuthi ufake isandla ekusungulweni kwesikhungo esizoba nalo lonke uhlobo lwemvunulo ukuze izintombi nto ziqonde kabanzi ngemvunulo yazo.
“Intombi nto ayihlobi ngendwangu emnyama ngoba isho ukuthi isiqomile futhi sekuyaziwa nasekhaya,” kusho uMntwana.
Ubuye wahlaba eyezintombi nto esezifaka umqhele ekhanda.
“Lokhu kuyamangaza ngoba intombi ayiwufaki umqhele ekhanda.”
Uthe kubalulekile ukuthi izintombi zazi kabanzi ngezikugqokayo nokuthi kumele ukuthini. Wathi lokhu kuzolekelela kakhulu ekutheni umphakathi wazi ngokuhlukana kwezigaba zemvunulo.
Uphinde wagcizelela nodaba lwamahubo ahutshwa yizintombi uma ziphethe umhlanga. Uthe mabili kuphela amahubo ahutshwa uma kuyobekwa umhlanga futhi ahutshwa ngesizotha.
IMeya yoMkhandlu waseZululand, uButhelezi, inxuse abesilisa abaphume umkhankaso wokudicilela phansi izintombi ngokuzihlukumeza ngokocansi ukuba bapheze ukwenza lo mkhuba.
Ephawula ngalo mcimbi uthe bawuhlele ngenhloso yokukhuthaza izimbali zezwe ukuthi zizigqaje ngokubaluleka kokugcina ubuntombi bazo.
Uthe njengoba selusondele nje usuku lomkhosi womhlanga owenziwa minyaka yonke esigodlweni eNyokeni KwaNongoma, kubalulekile ukuthi izintombi nto ziphelezelwe ngeziyalo zokuziphatha phambili.
Ubuye wathi babuye baziyale nangokubaluleka kwemfundo entsheni, wathi umkhandlu kuyimanje ucija intsha ngamakhono ahlukene.
Kule mpelasonto iSilo uMisuzulu kaZwelithini sizosingatha uMkhosi woMhlanga omkhulu oba sesigodlweni minyaka yonke ngoSepthemba. Kuwona kulindeleke ukuthi kutheleke izinkulungwane zezintombi nto eziqhamuka ezingxenyeni ezehlukene zezwe kanti kulindeleke nezivakashi ezizobuka lo mkhosi.