SITHWALE kanzima iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi sithula inkulumo yosuku eMkhosini woMhlanga njengoba izintombi bezivele zihlokome zikhombisa injabulo eyisimanga, uma sithi sivula umlomo.
Izintombi ebezingangoZulu eya emakheni, zitshengise ukusithakasela iSilo nangendlela eziphume ngobuningi ngayo.
Kucishe kwaze kwashona ilanga izintombi zilokhu ziwunyuse njalo umhlanga.
ISilo sibonge ukwesekwa, sathi siyaqala ukubona amabutho nezintombi behlangene ngobuningi kangaka.
“Ngibonga angiphezi nina beSilo ngokubambisana nami ekuqhubeni usiko olubalulekile kithina kwaZulu. Lesi sihlalo akusona esami kodwa ngibambele ubaba esihlalweni sakhe,” kusho iSilo.
Sikhuze izintombi ngengozi yophuzo oludakayo nezidakamizwa, wathi ziyobe ziyazingcolisa ngoba zingcwele.
“Akuhambi kahle uma sekuyinto evamile ukuthi kuthiwe abesifazane sebephuza utshwala okwedlula amadoda. Njengoba izwe lethu libizwa ngokuthi ngelikaMthaniya yingoba lingowesifazane, okusho ukuthi abesifazane bayizimbali nomgogodla wezwe lethu,” kusho iSilo.
Sithinte nendaba yokushona kweNdlovukazi yamaNgisi, wacela isizwe ukuthi singaphindiseli okubi ngokubi kodwa bakhalise umndeni njengoba nabo benza ngesikhathi isizwe samaZulu sisemanzini.