ZIKHALELWE amasongo kaSigonyela izinswelaboya eziyisishiyagalunye ezingene enkonzweni zaphuca abazalwane amaselulu nemali eMosque, eNkandla izolo.
Lezi zigilamkhuba kuthiwa bezihlome ziyizingovolo zihamba ngezimoto ezahlukene.
Kuthiwa zingene kuleli bandla zakhomba abazalwane ngezinhlokohlela zezibhamu ngesikhathi bematasa bedumisa ngaphambi kokuba zishaye zichithe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker uthe kube sekwaziswa amaphoyisa aseNkandla.
Uthe amaphoyisa aseNkandla ahlanganise ithimba lozakwabo ezinhlakeni ezehlukene maqede kwaphunywa inqina kuthugathwa izigilamkhuba.
“Ngokubambisana lezi zinhlaka zikwazile ukubamba izimoto ezimbili zohlobo lweSedan nekhumbi okusetshenziswe abasolwa ngesikathi bedla phansi,” kusho uBrig Naicker.
Uqhube wathi baziyisishiyagalolunye abasolwa ababanjwe amaphoyisa kulezi zimoto kanti uthe baneminyaka ephakathi kuka-24 no-33.
“Amaphoyisa abuye abathola nezibhamu zohlobo lwe-9mm, namaselula nemali,” kusho uBrig Naicker.
Eqhuba uthe uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka kanti kungahle kwenzeke ukuthi isibalo sabazoboshwa ngalesi sigameko senyuke.
Uphethe ngelithi abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kungekudala.