ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini sinxuse omasipala ukuthi baqhamuke namasu okumelana nenkinga yokunqamuka kukagesi eNingizimu Afrika.
Sikhuluma emcimbini esigodlweni sasoSuthu kwaNongoma lapho kade sihlangene khona neziphathimandla zikaMasipala weTheku naseKing Cetshwayo izolo, Isilo sithe kumele omasipala abakhulu bazame noma yisiphehli esisodwa KwaZulu-Natal esizosiza ukuthi kukhanye uma kuphela ugesi.
Izikhulu zomkhandlu weTheku nezaseKing Cetshwayo beziyokotha Isilo ngokuzithula kusona.
“Ngiyacela ukuthi inkinga kagesi niyibeke phambili, kungabi wukuthi nijabulela ukuthi niyasebenza nidla inyuku.”
Sithe sike saya e-Wales lapho kusetshenziswa khona kakhulu ugesi osuselwa elangeni.
“EWales kuyabanda, ilanga liyivela kancane kodwa banogesi osuselwa elangeni. Ungasebenza kahle kakhulu lapha eNingizimu Afrika ngoba kuyashisa.”
Isilo sidonse osopolitiki ngendlebe sathi abayeke ipolitiki yobuqembuqembu ngoba ayibayisi ndawo abantu.
“Ipolitiki eniyidlalayo ayibondli abantu kodwa yondla nina enisezikhundleni. Ngiyanixwayisa ukuthi akumele kuze kufike esigabeni lapho abantu begcina sebenizonda ngoba bethi anibenzeli lutho.”
Sikhuze umkhuba wabantu wokucekela phansi impahla uma kukhona izinto abanganeme ngazo.
Kusiphatha kabi ukubona abantu beshisa amafemu bentshontsha nezintambo kolayini bezitimela.
Sithe zonke lezi zinto zibalekisa abatshalizimali ngoba ziveza isithombe esimbi ngezwe.
Sinxuse omasipala ukuthi bafunde abantu ngokwamakhono ukuze kuliwe nendlala nokuntuleka kwamathuba omsebenzi.
IMeya yoMkhandlu weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ebihola ithimba laseThekwini ithe:
“Ukusebenzisana kwethu neNdlunkulu kusuka kude kufakazelwa yidlinza leNdlovukazi eThekwini.”
Ithe bekubalulekile ukuthi bazozithula eSilweni ngoba basebenza emhlabeni waso.
IMeya yaseKing Cetshwayo, uNksz Nonhle Mkhulisi, ithe isifunda sabo sizibophezele ekufukuleni umnotho kwezokuvakasha besebenzisa umlando weSilo uCetshwayo.