OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Thabo Mbeki, usephumele obala wathi okwenziwe yiMelika, inqamula uxhaso ezinhlelweni ezehlukene ebezisiza elakuleli kumele kube yisifundo sokuthi elakuleli, livuke lizithathe.
UMbeki uthe elakuleli kumele lamukele ukuthi izinto zigaya ngomunye umhlathi manje.
Ekhuluma esifundweni ngesishoshovu uMnuz Aziz Pahad, uMbeki uthe lo mholi ubezothuka ngamanga afafazwa ngelakuleli eMelika, ngoba wayehlale ezama ukuchaza okuzokwenziwa yi-ANC uma isemandleni.
"Njengoba uPahad wayenamava kwezithinta ezobudlelwano namazwe omhlaba, wayezothuka uma iMelika eyizwe elinamandla kangaka, likholwa ngukuthi amabhunu ahlaliswe lubhojozi kuleli, futhi kunezinhlelo zokuthi kudliwe ngenkani umhlaba wawo, njengoba ebulawa. Wachitha isikhathi esiningi ezama ukuchaza izinto ezenziwa yi-ANC njengoba isemandleni," kusho uMbeki.
Uthe lo mholi wayengahambisani nemfundisoze namanga afafazwa ngezwe.
"Okwenziwe nguhulumeni kaTrump (Donald Trump, uMengameli waseMelika), kuyinto okumele i-Afrika iyibheke ngokuthi izinto zishintshile. Kudingeka i-Afrika ihambisane nalezi zinguquko," kusho uMbeki.
Ubeke emahlombe oMnyango wezobuDlelwano namazwe oMhlaba, eyokuzama ukwakha ubudlelwano namanye amazwe. Uthe lo mnyango yiwona futhi okumele uqhamuke nenkhombandlela okumele elakuleli, liziphathe ngayo uma kuziwa kwiMelika.
"Umbuzo uthi ngabe uMnyango wezobuDlelwano naMazwe unawo amava okuqonda okwenzekayo? Ngabe uzokwazi ukudlulisa imigomo ethinta elakuleli emazweni omhlaba uma kungukuthi izwe elikhulu kangaka emhlabeni, likholwa amampunge okuthi kubulawa amabhunu kuleli," kusho uMbeki.
Uveze nokuthi iMelika kuseyizwe elikhulu emhlabeni noma kukhona abacabanga ukuthi izenzo zikaTrump, zitshengisa ukwehlelwa amandla.
Uthe okubalulekile wukuthi i-Afrika, kumele yenze okuyilungele njengoba namanye amazwe enza okuwalungele.
Usho lokhu nje elakuleli lizama ukuphemba ubudlelwano nelaseMelika kulandela ukuhoxiswa koxhaso lokusiza empini yokulwa nokusabalala kweHIV.
Muva nje iMelika isanda kuxosha inxusa lakuleli ebelizinze khona uMnuz Ebrahim Rasool, kulandela ukukhuluma kabi ngombuso waseMelika noTrump.
Selokhu kubhede eyobudlelwano phakathi kwelaseMelika nelakuleli, kuhlukene imibono njengoba kukhona abathi akayekwe kanjalo angancengwa uTrump.
Kukhona abathi kunesidingo sokuthi kuncethezwe kuTrump ngoba luyadingeka usizo njengoba iMelika kungelinye lamazwe aphezulu elakuleli elihweba nawo.