WEHLILE umthwalo kwabanezikweletu njengoba iBhange loMbuso, i-South African Reserve Bank (Sarb), liyehlise ngo-25 basis points imali mboleko.
Izolo umphathi we-Sarb, uMnuz Lesetja Kganyago, uthe amalungu athatha izinqumo ngemalimboleko avumelane ngokuthi yehle ngo-25 basis points (amaphuzu) isuka ku-8.25% ibe wu-8%. Imalimboleko yagcina ukwehla eminyakeni emithathu edlule, njengoba ibilokhu inyuka umlibe.
Lokhu kusho ukuthi i-prime lending rate, okuyinzalo ekhokhiswa abantu uma beboleke imali emabhange isizoba wu-11.5%. Isuka ku-11.75%.
USolwazi Bonke Dumisa oyisazi somnotho nezomthetho esizimele, uthe yizindaba ezinhle lezi ngoba vele bebelindele ukuthi izokwehla imali mboleko.
“Besazi ukuthi imalimboleko izokwehla njengoba amandla emali ekhombise ukudlondlobala ngo-Agasti, aba wu-4.4%. Ebesingenaso isiqiniseko sakho wukuthi izokwehla ngo-25 basis points noma ngo-50 basis points. Kuvelile ukuthi namalungu athatha izinqumo ngemalimboleko abexoxa ngokuthi ayehliswe ngo-50 basis points kodwa agcina evumelene ngo-25 basis points,” kusho uDumisa.
Uthe abakhokhela izindlu, izimoto nezinye izikweletu abangangenanga ohlelweni lokuthi zinganyuki uma kunyuka imalimboleko, bazojabula ngoba kunemali esizosala uma bekhokhela izikweletu zabo.
“Le mali ngicela abantu bangayibhubhudli ezintweni ezingenasidingo. Kufanele bayibeke noma baqhubeke nokukhokha imali ethe xaxa ezikweletini zabo. Kubalulekile ukuthi songele izinsuku ezinzima ngoba ngesikhathi imalimboleko inyuka ngo-2021, baningi abantu abazithola sebeklinywa yizikweletu.”
UNkk Annaline van der Poel wenkampani esiza abacwile ezikweletini, i-Debt Rescue, uthe akwanele ukwehliswa kwemalimboleko ngo-25 basis points ngoba abantu bavele bathwele kanzima ngenxa yokubiza kwempilo.
Ubalule ukuthi ayikho into engabizi kusukela kugesi, ukudla, uphethroli nezinye izidingo zabantu nokuyikho okubenza bangene ezikweletini.
Uthe uyathemba ukuthi ngoNovemba, iBhange loMbuso lizoyehlisa ngesikalo esibonakalayo imalimboleko.
UKganyago uthe abantu bazobona ngoNovemba ukuthi imalimboleko yehla kangakanani kodwa wazwakalisa ukukhathazeka ngezimpi eziqhubeka emhlabeni okubalwa i-Israel nePalestine, eyeseRussia ne-Ukraine, athe ziba nomthelela ekuntengiseni amandla emali.