UKUSABALALA kwenkulumo uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ayezoyethula ephakamisa iSilo emcimbini wokukhunjulwa kweNgonyama uDinuzulu, kuveze obala ukuthi kungani owayephethe uhlelo uMnuz Siboniso Duma agxumisa okwenhlamvu wayabula umbhobho uButhelezi engakafiki engqikithini yephuzu lakhe.
Enkulumweni eyayibhalwe phansi kaButhelezi kuvela ukuthi umsuka wendaba usekuphawuleni kukaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, eqoqweni likaWhatsapp elibizwa ngokuthi Indonsa Yesizwe Think Tank. USolwazi Musa Xulu, ongumhlaziyi wezamasiko nokunguye owengamele leli gunundu, ukuqinisekisile ukuthi uMtolo wabiza iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngeSilo sase-Ballito embhalweni awufaka kuleli qoqo.
Esikhathini esiphambilini, ngesikhathi kuqala umsindo wombango weSihlalo eNdlunkulu, kuke kwaba khona ukungcofa obekubhekiswe kwiNdlulamithi abangayemukeli njengeNgonyama beyibizwa ngeSilo saseBallito, esikhundleni sokuthi esikaZulu.
Nokho uXulu, onguMfundisi waseLuthela, uthe uMtolo wabuye wachaza ukuthi kungani ebiza Indlulamithi ngeSilo saseBallito.
"Wabuye wachaza ukuthi iBallito iKwaDukuza, lapho Ilembe lalibusa khona. Yiqiniso lelo," kusho uXulu.
Inkulumo ebhalwe phansi iveza ukuthi uMfu Buthelezi wayehlose ukukhalaza ngalesi senzo sikaMtolo, kodwa kangafika ndawo ephucwa umbhobho wokukhuluma uDuma, onguSihlalo qwe-ANC KwaZulu-Natal.
"Kufanele senzenjani thina bantu beSilo uma uMtolo ethuka iSilo eqoqweni leNdonsa? Kuleli qoqo uMtolo waphinde wahlasela uNdunankulu kaZulu, wathi 'inabo osikhotheni i-IFP, usikhotheni we-IFP uThulasizwe Buthelezi’. Amabutho kufanele enze njani uma kuthukwa umkhuzi wawo?" kusho inkulumo kaButhelezi eputshukile.
UXulu uthe kujwayelekile ukuthi kube nemibono ehlukene kwiNdonsa athe igcwele izifundiswa, ababhishobhi, amakhosi, amalungu ePhalamende neziShayamthetho, abaholi bamaqembu ezombusazwe, abaNtwana basendlunkulu nabadidiyeli bamabutho.
Uqhubeke ngokuthi uButhelezi naye wabhala kuyo iNdonsa ukuthi uzophendula inkulumo kaMtolo phambi kukaRamaphosa.
“UDuma naye ukhona kwiNdonsa. Ngicabanga ukuthi wayazi ukuthi uButhelezi uyaphi njengoba ayeseqalile efunda amagama abantu athi bayizitha zeSilo,” kusho uXulu.
Ebuzwa ukuthi ikhona yini indlela anayo ukulawula okubhalwa kule nkundla okungaba yizinto ezisusa udweshu, uXulu uthe yonke into ebhalwa eqoqweni iyingxenye yentando yeningi.
Kubuzwa okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, ngokubizwa kweMbube ngeSilo saseBallito, ume kwelokuthi uButhelezi wayehlose ukuxova umcimbi wangoMgqibelo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMtolo ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi akazange awuphendule umyalezo awuthunyelelwe.
NgoLwesithathu uMtolo usincome njengobuqhawe isenzo sikaDuma sokuyabula umbhobho, wathi wakhombisa ubunsizwa ngokuvimba enkulu inhlekelele eyayizokwenzeka.
Usole uButhelezi ngokusebenzisa isikhundla sakhe ukulwa izimpi zepolitiki, wathi lo mkhuba wawenza nasesigodlweni eMachobeni ngesikhathi kunoMkhosi wamaGanu.
“Akwenzile eMachobeni uShenge, ubefuna ukukuphinda KwaCeza kanti akabhulanga, ikhona insizwa yakwaDuma, uMthombeni, uLwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela, insizwa engesabi nakusatshiswa. Wathi ngeke phambi kwami, yimi oshayela lolu hlelo, inhlekelele engenzeka lapha iyobuzwa kimi, wayivimba.”
Kanjalo noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe uDuma wenza kahle ngokuphuca uButhelezi umbhobho.
Uthe uDuma ubachazelile beyikhabhinethi lesifundazwe ukuthi wamphucelani uButhelezi umbhobho, wathi incazelo kaDuma ibanelisile.
“Siyameseka uDuma kulokhu akwenza. Ukube akawuthathanga umbhobho kwakuzothukwa abantu emcimbini kahulumeni. UDuma usitshele ukuthi uzokuya koshweleza eSilweni,” kusho uNdunankulu Dube-Ncube.
Amakhosi athe afuna ukuba nomhlangano nekhabhinethi yaKwaZulu-Natal kanti ake ahlangana esiShayamthetho esidala ngoLwesithathu.
USihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Sifiso Shinga, uthe bafuna ukuthi uDuma aqale kubo ngaphambi kokuyoshweleza eSilweni.
UShinga uthe uDuma wadelela iSilo ngokuphuca uButhelezi umbhobho kanti kuwumkhuba owaziwayo ukuthi iSilo sisukunyiswa undunankulu waso.
Omele iSilo endlini yobuholi bomdabu, uMntwana uSimphiwe Zulu, uthe iSilo nendlunkulu bakhathazekile ngalesi simo kanti banethemba lokuthi lolu daba luzoxazululwa ngokushesha.