UZOBANJELWA ezindlini zesiShayamthetho eMgungundlovu, umcimbi wezinsuku ezimbili wokuvulwa kwesiShayamthetho, esivulwa yiSilo uMisuZulu kaZwelithini.
Lo mcimbi othatha izinsuku ezimbili, ujwayele ukubanjelwa ngaphandle kwesiShayamthetho ngenxa yokuthi indawo incane.
Kuqashwa amatende ngenxa yokuthi kusuke kunezimenywa ezehlukene ezisuke zihambele le micimbi.
Ngosuku lokuqala sekufana nesiko ukuthi sivulwa yiSilo, bese ngosuku olulandelayo undunankulu wesifundazwe, athule inkulumo asuke eyibhekise kubantu basesifundazweni.
Nakulokhu iSilo sivula isiShayamthetho namhlanje, bese kusasa uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, athule umkhombandlela wezinto uhulumeni wesifundazwe ozogxila kuzona kule minyaka emihlanu ezayo, ngaphansi kukahulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene.
Okhulumela isiShayamthetho, uNksz Nomusa Phungula, uthe njalo uma kuwunyaka okubanjwe ngawo ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe, isiShayamthetho sivulwa kabili.
Uthe umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho okwesibili, ubanjelwa ezindlini zaso eMgungundlovu.
Usho lokhu nje, ngoFebhuwari nonyaka, iMbube yathula inkulumo yokuvulwa kwesiShayamthetho. Kodwa ngenxa yokuthi kube nokhetho ngoMeyi nonyaka, kudingeka siphinde sivulwe kabusha ngaphansi kukahulumeni wehlandla lesikhombisa.
UNksz Phungula uthe ayincane kakhulu indawo yezivakashi ezisuke zihambele isiShayamthetho.
“Le ndawo ikwazi ukuhlala abantu abangu-120. Kuzoba nesidlo emva kokuvulwa kwesiShayamthetho,” kusho uNksz Phungula.
Kuke kwakhalwa ngokuthi kungcono umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho uhlanganiswe nowokuthulwa kwenkulumo kandunankulu ukuze kongiwe imali.
Kulo nyaka okukhalise kakhulu ngokuthi iMbube yathula inkulumo engazange ithathe ngisho ihora, kwabe sekuhlakazekwa sekuyodliwa.
Ngakusasa kwaphinde kwaba nomcimbi wenkulumo kandunankulu, nakhona kwaphinde kwayodliwa emva kwayo.
Ababekhala babethi le mali ingasetshenziselwa ukuthuthukisa umphakathi wesifundazwe.
NgoLwesine kuzoba nenkulumo mpikiswano esiShayamthetho ngenkulumo kaNtuli.