AMAPHOYISA athungatha ingane yaseMzinto enezinyanga ezimbili okuthiwa intshontswe ngowesifazane obezenza ohlukunyeziwe eswele indawo yokuhlala.
Kuthiwa ingane ithathwe ngowesifazane ohlangane nonina (28) erenki yaseMzinto emuva kwehora lesibili ntambama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele uthe kukholalaka ukuthi owesifazane obegqoke igawuni ephinki ufike kunina wengane wacela ukukhuluma naye eceleni. Umtshele ukuthi uhlukunyeziwe nokuthi uswele indawo yokuhlala.
“Unina wengane umsizile waya naye kwakhe emijondolo yase-NPA, eMzinto. Ngehora lesishiyagalombili ebusuku lona wesifazane ukhale ngekhanda wacela ukuthi unina wengane amcelele amaphilisi komakhelwane. Unina wengane ushiye ingane yakhe nalona wesifazane wayolanda amaphilisi wabuya eseshaye utshani nengane yentombazane obequtshisiwe,” kusho uCol Mbele.
Kukholakala ukuthi uthathe ikhadi lengane lasemtholampilo, ubisi lwethini nebhodlela layo. Imizamo yokubathungatha nengane ayizange iphumelele. Udaba lube selubikwa emaphoyiseni.
UCol Mbele uthe unina wengane okukholakala ukuthi ithunjiwe ukhathazekile ngokuphepha kwayo unxusa ukuthi ibuyiswe kuyena iphephile.
Uthe umphenyi wecala usola ukuthi owesifazane kungenzeka ukuthi ucele ukugitsheliswa esuka ku-R612 eduze komgwaqo uCourthouse waya ku-N2 lapho okukholakala ukuthi ugitsheliswe waya eThekwini.
Uthe banxusa noma yimuphi umshayeli okungenzeka ukuthi ugibelise umuntu wesifazane obephethe ingane encane egqoke igawuni ephinki ngoLwesibili ngehora lesishiyagalolunye ukuthi athinte amaphoyisa ngokushesha. Umsolwa kukholakala ukuthi uneminyaka engu-20, ubegqoke igawuni ephinki, nejakhethi yejini nezicathulo ezimnyama. Ngaphansi kwegawuni ubegqoke isiketi esinombala omnyama noluhlaza.
Kunxuswa abangaba nolwazi ngokunyamalala kwale ngane nalona wesifazane ukuthi bathinte uWarrant Officer Rajesh Maharaj wophiko lwabaphenyi eMzinto ngokushesha ku-039 974 6500 / 6556, noma bathinte inombolo yokulwa nobugebengu ku-08600 10111 noma bashayele isiteshi samaphoyisa esiseduzane.