WAYEZOTHOLA isamba semali esasilondolozwe ngumyeni wakhe ebhange, uthisha wesifazane obhekene necala lokubulala umyeni wakhe.
UNkk Gugu Mchunu (50) uthweswe icala lokubulala umyeni wakhe, uMnuz Jabulani Richards Mchunu (54), owayesebenzela uMkhandlu weTheku eyisicishamlilo edepho esePinetown.
Ungummangalelwa wesibili kuleli cala njengoba owokuqala kunguMnuz Lindani Phungula (30) ongu-Ben 10, okuthiwa wayesethandana naye.
Umufi wahlaselwa wadutshulwa esemzini wakhe oseMariannhill, ngo-Ephreli 10, 2022.
ENkantolo eNkulu yaseThekwini, indodana kamufi uMnuz Khanyisani Mchunu, ngesikhathi yethula ubufakazi, itshele inkantolo ukuthi lwaluvutha amalangabi uthando phakathi kukasingamama wakhe, uNkk Mchunu noPhungula, phezu kokuba uyise wayesadla anhlamvana.
UMshushisi u-Advocate Thabani Buthelezi, uqale ngokumbuza ukuthi ubazi kanjani abamangalelwa bobabili.
“UNkk Mchunu wayeyinkosikazi kababa. Kodwa futhi ejola naye ummangalelwa wesibili,” usho kanje.
Ubefakaza abuye azesule izinyembezi abheke phansi. UButhelezi ubuze uMchunu ukuthi akhona yini ama-policy umufi ayekade enawo.
“Wayenawo emabili. Eyokuqala kwakungeyaseCapitec okuyiyona engaziyo ukuthi ubaba wayefake igama lakhe uNkk Mchunu njengowayezohlomula kuyo uma kwenzeka (umufi) edlula emhlabeni,” kuchaza indodana.
Uthe kukhona nenye imali uyise ayeyilondoloze kwa-Old Mutual, wathi akazi ukuthi kuyona kwakuzohlomula bani.
Indodana ichaze umufi njengomuntu obenento eziphathekayo eziningi kuzona okubalwa imizi yakhe emithathu esezindaweni ezahlukene.
Ngosuku lwesigameko, uthe benabangani bakhe baqaphela imoto eyiveni emhlophe eyayimi ngakubo.
“Umshayeli wayo kwakungummangalelwa wesibili,” echaza.
Ngesikhathi kuqhuma isibhamu amahlandla evile kwamathathu, uthe wayekwamakhelwane wakhe.
“Ngajomba ucingo ngangena ekhaya, ubaba ngamfica esedindilizile enamanxeba okudutshulwa entanyeni,” usho kanje.
Uthe abafowabo ababili babekhona endlini ngesikhathi kuhlasela izigilamkhuba.
“Ngabezwa bememeza bethi wambulala ubaba. Wamdubula ubaba,” echaza echiphizela izinyembezi.
Icala liyaqhubeka.