UMNTWANA uPhumzile Buthelezi udalule ukuthi walandwa nge-ambulance esibhedlela ukuba azovota ngesikhathi i-MK isho ukusobozela amaqembu abusa ngokubambisana KwaZulu-Natal, mhla kuqokwa undunankulu wakulesi sifundazwe.
UMntwana uPhumzile uthe ivoti lakhe ilona elawelisa amaqembu abusa ngokubambisana mhla kukhethwa uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, uSomlomo uNksz Nontembeko Boyce, nePhini likaSomlomo, uNksz Mmabatho Tembe.
I-MK yayivota ne-EFF ngesikhathi kuqokwa abazongena kulezi zikhundla, bathola amavoti angu-39.
Izikhundla zagcine zithathwa amaqembu abusa ngokubambisana, i-IFP, ANC, DA ne-NFP, abathola amavoti angu-41.
Kulo mhlangano uMntwana uPhumzile wafika ehamba ngesitulo esinamasondo.
UMntwana uPhumzile uveze ukuthi wayelandwe esibhedlela esiseMpangeni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha usuku lwabantu besifazane obuhlelwe uMasipala wasoLundi. UMntwana uPhumzile uthe ivoti lakhe lalibalulekile, ingakho alandwa esibhedlela.
“Wawubagojela u-MK!”
Wawushubile umhlangano okwaqokwa kuwo abazongena ezikhundleni njengoba abe-MK ne-EFF babelokhu bezwakalisa izikhalazo ngohlelo olwalulandelwa ngesikhathi kuvotwa.
Umhlangano waqala ngo-10 ekuseni waze waphela u-6 wasebusuku usushaye wadlula.
UMntwana uPhumzile uveze ukuthi wayengakwazi ngisho nokuma ngosuku lomhlangano, wathi okwakumkhinyabeze kakhulu ukuqhuma komsipha ehlombe.
UMntwana uPhumzile uthe umsipha waqhuma emva kokuthi ewile esendlini encane.
“Inkinga basuke bathi bangiqeda ubuhlungu edolweni, ngasuke ngangabe ngisawuzwa umlenze. Ngawa, kwase kuqhuma umsipha ehlombe.”
UMntwana uPhumzile uthe useyakwazi manje ukuzimela, wathi usaqhubeka nokuthola usizo lwezempilo.
UMntwana uPhumzile, obuye abe usihlalo wophiko lwabesifazane kwi-IFP, i-IFP Women’s Brigade, uxwayise abe-IFP ngokuthi i-MK izobaphuca omasipala abaningi lapha KwaZulu-Natal uma bengabhekile.
Ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo luzokuba ngo-2026.
Njengamanje, i-IFP iyona iphethe omasipala abaningi lapha KwaZulu-Natal kodwa i-MK iyona eyathola amavoti amaningi esifundazweni okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe obelungoMeyi.
UMntwana uPhumzile uthe i-MK, esungulwe ngonyaka owedlule, ibukeka indlondlobala yize ingakaze ibe nengqungquthela yokukhetha ubuholi.
“Uma nihleli uzonigojela ngo-2026. Awudlali, uwisa kwasani. Abanazikhundla ukuthi bakwenza ngobani, abanasihlalo kazwelonke, abanalutho.”
UMntwana uPhumzile uphinde abe usihlalo wekomiti elibhekelele ukusebenza koMnyango wezeMfundo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.