UTHEMBISE impilo engcono kwabamnyama, owayengumengameli uJacob Zuma, ngesikhathi ethula umqulu wezethembiso zokhetho weMK.
UZuma uthe inhlupheko izophela kwabamnyama uma iMK inqoba ukhetho oluzayo.
Umqulu wezethembiso wethulwe enkundleni yezemidlalo i-Orlando Stadium, eGoli, ngoMgqibelo.
Emuva kokwethula lo mqulu, izolo inkantolo yoMthethosisekelo imemezele ukuthi sizophuma namuhla ngo-10 izinqumo secala elifakwe yinhlangano eyengamela ukhetho kuleli, i-IEC sokucela incazelo ngesinqumo sokuthi kugcinwe igama likaZuma ohlwini lwabazoya ePhalamende emva kokhetho.
I-IEC yafaka isimangalo enkantolo yezoKhetho ngoba ithi uZuma akakufanele ukuba sohlwini lwe-MK lwabazoya ePhalamende ngoba wake wagwetshwa izinyanga ezingu-15.
UZuma utshele izinkulungwane zabalandeli beMK ukuthi izwe lizobuyela kubantu abangumsinsi wokuzimilela.
Ukhale ngokuthi abantu abamnyama bawuphawu lwenhlupheko.
“Uma kukhulunywa ngabantu abangasebenzi, sikhuluma ngabantu abamnyama. Uma sikhuluma ngabantu abahlala emkhukhwini sikhuluma ngabantu abamnyama. Uma singasukumi sizimele, akekho ozosimela.”
UZuma uthe ufisa ukuthi izwe liphathwe amakhosi.
Uthe ufuna ukuthi izingane zifunde mahhala, kuphele indlala, kube nokuthula noxolo.
UZuma uthe inhlupheko ebhekene nabantu abamnyama iphinde idalwe nawukuvela kwamaqembu amancane.
UZuma uthe abaholi bamaqembu amancane abanandaba nezidingo zabantu, wathi basuke bezifunela izikhundla ePhalamende.
“Mina nginenkinga yokuthi amaqembu maningi kakhulu. Iwona adala ukuthi sihlupheke. La maqembu athola imali kubelungu. Kuwona ukuya ePhalamende bakuthatha njengomsebenzi.
“Kulaba abaningi enibavotelayo, abanandaba nani, bazifunela umsebenzi. Noma sebesePhalamende abakhulumi ngenhlupheko yenu. Bafike bakhohlwe uma sebethole izikhundla.”
UZuma uxwayise abaholi beMK ngokubanga izikhundla.
Uthe bazoxoshwa abalwela izikhundla.
“Angikufuni ukuvungama. Umuntu athi ngifuna ukuya ePhalamende. Njengoba sibaningi kangaka ngeke sonke siye ePhalamende. Angifuni kube nabantu abazokhalela ukuthi bakhishiwe ohlwini lwabaya ePhalamende. Leli qembu silakhele indlu emnyama. Wena uzokhalela ukuthi ukhishwe ohlwini. Kanti wena ubulwela ukuba sohlwini?
“Asingabangi ubala size siphathelane izibhamu. Uma nje sike sabathola laba abahamba bekhalela izikhundla, ngeke siphinde sibanike izikhundla. Labo abazoba amalungu esigungu esiphezulu kwiMK kufanele bazi ukuthi ngeke baqokwe njengongqongqshe. Phela into eyenza ukuthi kube nenkohlakalo yile nto yokuthi abantu bahlafune ngapha nangapha.”
Abalandeli beMK bebephume ngezinkani kulo mcimbi.
Abaholi bakhale ngokuthi kube nemizamo yokuphazamisa umcimbi.
Lokhu kufakazwe nawuZuma, othe uzwe kuthiwa amabutho abeze emcimbini avinjiwe.
“Ngiyajabula ukubona izinsizwa zimi lapha ngoba ngike ngaphatheka kabi emini uma ngizwa kuthiwa ziyavinjwa.”
Nasezinkundleni zokuxhumana kukhona abebekhala ngokuthi sebeme baze bavuvukala izinyawo amabhasi awafiki kuthiwa abashayeli bawo bayavinjwa.