OWAYENGUMENGAMELI, uMnuz Jacob Zuma, usenqumele uMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, neNkantolo eNkulu eMgungundlovu ugwayi katiki, ukuba bathathele izinyathelo umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer.
UZuma usesabise ngokudlulisela lolu daba phambili uma uRamaphosa nenkantolo behluleka ukuthathela uDowner izinyathelo.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi abameli bakhe besonga ingxoxo mpikiswano esicelweni sakhe sokuba kushenxiswe uDowner esikhundleni.
UZuma usola uDowner ngokuchema nangokuputshuzela intatheli incwadi yokugula kwakhe.
Izolo ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu, utshele inkantolo ukuthi uZuma ugane unwabu ngokuputshuzwa kwencwadi yokugula kwakhe.
Le ncwadi yaveza ukuthi impilo kaZuma isengcupheni nokuthi kuzothatha izinyanga eziyisithupha ukumelapha.
UZuma usanda kubhalela uRamaphosa lapho ekhalaza khona ngokuputshuzwa kwale ncwadi.
Inkantolo izwe ukuthi uRamaphosa useyalele ukuba luphenywe lolu daba.
UMpofu uthe uZuma ufuna ukuba aphenywe aphinde futhi athathelwe izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe uDowner.
"Ngesikhathi ngixoxa naye (uZuma) izolo, ubelokhu ebuzile ukuthi kungani incwadi equkethe ulwazi oluyimfihlo ngokugula kwakhe iputshuzelwe abezindaba. Uthe ngikugcizelele ukuthi ufuna inkantolo ilusukumele lolu daba.
"Ukubeke kwacaca ukuthi uma le nkantolo kanye nophenyo lukaRamaphosa behluleka ukuthathela uDowner izinyathelo, uzoludlulisela phambili lolu daba."
UMpofu uthe uDowner kanye nohulumeni bebengenalo ilungelo lokuputshuza incwadi yokugula kukaZuma.
Uthe umthetho olawula ukuziphatha kwabashushisi awuvumi ukuba abashushisi baputshuzele abezindaba ulwazi, wathi abashushisi abatholakala benaleli cala bangaboshwa izandla nezinyawo.
"Lento iwubugebengu, ikhombisa ukuthi abanabo ubuntu. Ungazizwa kanjani nje umndeni wakho nezihlobo sebefunda emaphepheni ukuthi uyagula wena ungakabatsheli lutho?"
Umbuso utshele inkantolo ukuthi le ncwadi ayisiyo imfihlo ngenxa yokuthi wonke amaphepha asenkantolo awasiyo imfihlo.
Uphinde wathi akukho okufanele kukhalise uZuma ngokuputshuka kwale ncwadi ngoba ayisidaluli isifo esimphethe.
Kepha uMpofu uthe le ncwadi ibhaliwe phezulu ukuthi iyimfihlo.
Inkantolo izosikhipha ngo-Okthoba 26 isinqumo sayo kulesi sicelo sikaZuma.
Kuleli cala, uZuma umangalelwe nenkampani yezikhali yaseFrance, iThales.
UZuma usolwa ngokwamukela intshontsho likaR500 000 minyaka yonke kule nkampani eyahlomula ngesikhathi elakuleli lithenga izikhali eminyakeni ewu-20 eyedlule.