OWAYENGUMENGAMELI, uMnuz Jacob Zuma, ukuphonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe kwi-ANC.
Lezi zindaba ziqinisekiswe uNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi kokuqala komhlangano wesigungu esiphezulu senhlangano.
UZuma waxoshwa kwi-ANC ngasekupheleni kukaJulayi. Waxoshelwa ukwephula imigomo ye-ANC ngemva kokuba ekhankasele iMK ngesikhathi kubhekwe okhethweni olwedlule.
Izolo uZuma utshele abezindaba ukuthi useyilungu le-ANC ngemva kokuthi edidekile wabiza iMK nge-ANC.
“Phela ngibuye ngikhohlwe. Into okufanele niyazi ukuthi ngakhulela lapha. Ngiyilungu le-ANC. Uma kuwukuthi nibuye nikhohlwe, ngiyilungu le-ANC.”
UMbalula ukuqinisekisile ukuthi uZuma ukuphonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe. “Udaba lwakhe lusabhekwa.”
UMbalula uthe ukuphonsela kukaZuma ukuxoshwa kwakhe akukushintshi ukuthi uxoshiwe eqenjini, wathi akufanele elokhu ezibiza ngelungu le-ANC.
UMbalula uthe uZuma uhamba ezibiza ngelungu le-ANC ngoba nakhu efuna ukudidisa amalungu e-ANC.
“Phela iMK lena akusilo iqembu lezepolitiki, into nje ekhandelwe ukuzophazamisa i-ANC. Yingakho uZuma ehamba ezibiza ngelungu le-ANC.”
UMbalula ugxeke umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, osanda kuphikisa isitatimende sikaMengameli uCyril Ramaphosa, esincoma uMengameli waseRussia, uVladimir Putin.
URamaphosa usanda kubiza uPutin ngomngani nesethenjwa seNingizimu Afrika. Lokhu kwaholela ekutheni uSteenhuisen akhiphe isitatimende, esithi uPutini uwumngani kaRamaphosa.
UMbalula uthe uSteenhuisen akufanele aphikisane nokushiwo uRamaphosa ngoba i-ANC ehola uhulumeni wokubambisana.
“Siyazi ukuthi iDA inombono owehlukile uma kuziwa kwezobudlelwano namazwe angaphandle. Into okufanele bayazi ukuthi phela ke abakwazi ukushintsha umgomo kahulumeni. Uhulumeni unemigomo yakhe ethinta ezobudlelwano namazwe angaphandle.
“AbeDA kufanele bakhumbule ukuthi abazange balunqobe ukhetho. Bona uma befuna ukushintsha imithetho kufanele banqobe ukhetho. Umengameli njengoba esuke ekhuluma, usuke emele uhulumeni.”
Umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC oqale izolo, uzodonsa izinsuku ezine.
Kulo mhlangano kulindeleke ukuthi kukhulunywe izindaba ezithinta abaholi abasolwa enkohlakalweni.
Phakathi kwabaholi okulindeleke ukuthi kukhulunywe ngabo kubalwa iphini likamengameli uMnuz Paul Mashatile, noNgqongqoshe wezoBulungiswa, uNksz Thembi Simelane.
UMashatile, noNksz Simelane basanda kuvela phambi kwekomiti lezobuqotho kwi-ANC.