KULINDELEKE ukuthi avele enkantolo namhlanje obeyimeya yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede emva kokuboshwa ngonyaka odlule mayelana nezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa ezithinta ithenda yokuqoqwa kukadoti eThekwini.
Okhulumela abalandeli baNkk Gumede, uMnuz Mzo Dube, izolo ukuqinisekisile ukuthi umama uzovela enkantolo namhlanje.
“Siyathemba ukuthi uMbuso kusasa (namhlanje) kukhona ozokusho mayelana namacala abekwe umama ngoba phela manje sekuphele unyaka nezinyanga aboshwa kodwa awekho amacala abekwe wona,” kusho uDube.
Uthe sekucacile ukuthi ukuboshwa kukaNkk Gumede kwabe kunenhlese yepolitiki.
“Asiyazi nathi lepolitiki edlalwa lapha ngoba uma umuntu umsola kumele umbeke icala, akukwazi ukuthi kuphele isikhathi esingaka kungacaci ukuthi kwenzekani,” kusho uDube.
Uthe nakhona ukuthi inkantolo yakhipha incwadi egunyaza ukuthi aboshwe uNkk Gumede emva kokungaveli enkantolo kukhombisa ukuthi kukhona okushaya amanzi kuleli cala.
“Bekuvele kunesimo esicacile seCovid-19, ungalindela ukuthi umuntu angaveli enkantolo kodwa kuvele abameli bakhe kodwa lokho esabona kwenziwa inkantolo ikhipha incwadi engunyaza ukuthi aboshwe kushayisa amakhala,” kusho uDube.
Uthe bakhuthaza abalandeli ukuthi bangaphumi ngobuningi babo ngenxa yeCorona.
UNkk Gumede waboshwa ngonyaka odlule ngoba esolwa ngokuthi ubesebenzisa isikhundla sakhe eyalela izikhulu zomkhandlu ukuba zinike osomabhizinisi abathile amathenda.