UZOKWAZIWA namhlanje umengameli omusha we-ANC nethimba azohola nalo le nhlangano iminyaka emihlanu ezayo.
Lokhu kuvezwe nguNksz Jessie Duarte, iPhini likaNobhala we-ANC, izolo esithangamini sabezindaba eNasrec, eGoli, izolo.
Ukuphakamisa amagama abaholi abazongena ezikhundleni eziphezulu kuqale izolo ntambama kanti bekuzobalwa ngezandla ivoti nevoti bese kukhishwa izibalo zabawinile.
“Ukuphakamisa nokuvota yinto okumele siyenze ngokucophelela. Ngeke sijahe ukumemezela imiphumela yabawinile ngoba kumele kubalwe bese kumenyezelwa. Ukumenyezelwa kukamengameli kuzokwenziwa kusasa (namhlanje) ekuseni,” kusho uNksz Duarte.
Bekulindeleke ukuthi kuphakanyiswe abaholi abazongena ezikhundleni eziphezulu ngoMgqibelo ntambama kodwa ngenxa yokubambezeleka kwengqungquthela kwadingeka ukuthi kuhlehliselwe izolo ntambama.
Uhlelo lokuvotela umengameli kuqala, kubalwe bese kumenyezelwa okuyinto eyaphakanyiswa nguNobhala jikelele we-ANC ophumayo, uMnuz Gwede Mantashe,
kuchithiwe.
UMantashe waphakamisa ukuthi kuvotelwe izikhundla ezimbalwa bese kubalwa kumenyezelwe imiphumela bese kuphakanyiswa abanye abaholi abaphezulu, bavotelwe bese bemenyezelwa kule ngqungquthela.
Ngemuva kokukhethwa kwabaholi abaphezulu be-ANC, kuzobe sekukhethwa amalungu esigungu esiphezulu esinamalungu angu-80.
Abaholi abasembangweni wokuhola i-ANC nguMnuz Cyril Ramaphosa oyiPhini likaMengameli eliphumayo noDkt Nkosazana Dlamini Zuma.
Kule ngqungquthela kuqopheke umlando ngokuthi amalungu ayisikhombisa angenele umbango wokuhola i-ANC.
USihlalo kazwelonke we-ANC ophumayo, uNkk Baleka Mbete, ugcine ehoxile kulo mbango wathi weseka uRamaphosa.
Abanye abaholi abebengenele umbango kubalwa uNksz Lindiwe Sisulu, Mnuz Mathews Phosa, Mnuz Jeff Radebe noDkt Zweli Mkhize onguMgcinimafa ophumayo we-ANC.