UZOFIHLWA ngoMgqibelo emathuneni asekhaya oHlange, emva kwenkonzo ezoba senkundleni yezemidlalo iJL Dube, umzukulu kaDkt John Langalibalele Dube, ongasekho, uMnuz Zenzele Mfundo “States” Dube.
UDube (72) obehlala ekhaya elikhulu lalo mndeni elisoHlange, eNanda, udlule emhlabeni esibhedlela saseThekwini iCity, ngoMgqibelo.
Ngokusho kukamfowabo, uMnuz Lunga Dube, umufi athe ugule inyanga yonke, ubenesifo sezinso.
Uthe umufi bazomkhumbula ngothando lwentsha nezwe laseNingizimu Afrika.
Echaza ngamagalelo kamfowabo, uthe wabamba elikhulu iqhaza emzabalazweni eyisosha loMkhonto weSizwe.
“Kusuka ngo-1985 kuya ku-1993, wayesekudingisweni ephusha umshikashika we-ANC,” kusho uDube.
Uthe phakathi kwamazwe aye kuwo kukhona iSwatini, Mozambique, Angola, Russia neGerman Democratic Republic (DRC).
Uthe wagcina ethatha umhlalaphansi kwezombusazwe, wase eba ngusomabhizinisi, ekuxuba nokwenza imisebenzi yomphakathi, engabheke nzuzo.
“Ubenothando olukhulu ngezwe lethu, ethanda kakhulu intsha. Ubehlala ahlale ayiqoqe, abe nezingxoxo ezakhayo nayo,” kubeka uDube.
Uthe wamfuza wangamshiya uMafukuzela, ngokungasabi nokungabi namahloni ngokuhola phambili, ukuhlonipha abantu nokunye,” kusho uDube.
Uthe bewumndeni balimele kakhulu ngokuhamba kwakhe.
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma nabanye abaholi benhlangano, bahambe bayohlanganisa amehlo nomndeni ngoLwesithathu.
Eduduza umndeni, uDuma uthe angakusho ukuthi uma kuvuka izivunguvungu, bavuse uJesu, wathi kwesinye isikhathi kuba nzima ukududuza umuntu oshonelwe ngoba usuke ungabuqondi ubuhlungu abhekene nabo.
“Uye ufise ukuthi uzame (ukududuza) ngamazwi, ufune nezinto ezehlukene ongazisho, kanti uma uthi nivuse uJesu, kusuke sekwanele,“ kusho uDuma, oqhubeke nokukhumbula amagalelo kamkhulu kamufi enhlanganweni ye-ANC.