UZIBOPHEZELE ekukhokheleni othisha maduze umhlomulo wabo ka-1.5%, okuyimali engena minyaka yonke, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokubhikisha kweSadtu ekuqaleni kwale nyanga. Umnyango uveze ukuthi uzokhokha uchatha ngoLwesine, phambilini bekulindeleke ukuthi ukhokhwe ngenyanga edlule.
Le mali eyaziwa nge-pay progression, ifakelwa othisha ngokusebenza kwabo minyaka yonke kanti isuke ingahlangene nemali okunyuswe ngayo amaholo.
Okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi, uthe imali bazoyikhokha ngoLwesine.
Kwaphazamiseka ukubhalwa kwezivivinyo zamanye amabanga ngesikhathi inyunyana ihoxisa amalungu ayo ukuthi abe yingxenye yokubhaliswa kokuhlolwa kwezingane.
ISadtu yayixwayise umnyango ngokuthi ayizozihlanganisa nezivivinyo zalawa mabanga uma kungukuthi awuyikhokhi umhlomulo okwakumele uyikhokhe maphakathi nonyaka.
Le mali efakwa njalo maphakathi nonyaka kulokhu ayizange ingene kuma-akhawunti othisha esifundazweni.
Ezinye zezifundazwe kudala zayikhokha imali kanti izikhulu zomnyango wezemfundo esifundazweni, zakhala ngokuthi ingwadla yokuncishiswa kwesabelomali, yadala ukuthi kube nenkinga yokuthi imali ingafakwa.
ISadtu emakhasini ayo ezinkundleni zokuxhumana, izishaya isifuba ngokuthi yiyona eyaphoqa umnyango ukuthi ugobe uphondo washeshisa ukuyikhokha le mali.
Kulawa makhasi inyunyana iyakuveza ukuthi imali izongena ngoLwesine, hhayi ngoDisemba 15, obekwaziwa ukuthi izokhokhwa ngawo.
UNgqongqoshe wezemfundo eKZN uNkk Mbali Frazer, nenhloko yomnyango uMnuz Nathi Ngcobo, bahlangana nazo zonke izinyunyana zothisha ekuqaleni kwale nyanga, bezazisa ngokuthi imali izokhokhwa.
Lezi zikhulu zazichazela izinyunyana ngobunzima umnyango obubhekene nawo kwezezimali.
Akuwona lo-1.5% kuphela izinyunyana ezazikhala ngawo kodwa zakhononda nangokungafakwa kwemali yokuthi izikole zikwazi ukukhokhela izinsiza ezifana nogesi, amanzi, ukulungisa izinto ezincane ezisuke zonakele eyaziwa ngama-norms and standards.
Ezinye izikole zakhala ngokuthi umnyango waziphuca amandla okukwazi ukuzithengela izincwadi zokufunda.
UNgcobo wakuveza esiShayamthetho ukuthi umnyango uvalelwa ngisho ugesi emahhovisi ezifunda ngenxa yokuthi awukhokhile.
Wakhala ngezinye zezikole ukuthi zinquma ukungazikhokheli lezi zinsiza ekubeni imali isuke ifakiwe yokwenza lokhu.