INKANTOLO yesule izinyembezi umndeni wowesilisa owalalelwa unyendle, wagwazwa amanxeba angu-53 wafa yinkosikazi yakhe egwetshwe udilikajele.
UMnuz Mark Buttle wabulawelwa eNewlands East, eThekwini, ngoFebhuwari 2018.
Kwaboshwa inkosikazi kamufi, uDias Bella Dosantos (44) ogwetshwe udilikajele ngokubulala neminye emihlanu yokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Umakhelwane uCharmaine Khumalo (48) ugixabezwe ngeminyaka engu-18 ebhadla ejele.
Inkantolo ithe iyachezuka esigwebeni sikadilikajele kuCharmaine ngoba akuyena owakha itulo lokubulala futhi wasebenzisana nanamaphoyisa eboshwa.
Owayeboshwe nabo uNksz Teagan Brown owayengowesifazane othandana nabobulili obufana nobakhe, ushone ngo-Agasti 2023, ngaphambi kokuthi kuqale icala ngoNovemba.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uButtle wayejoyine umshwalense okwakuzohlomula kuwona umkakhe futhi wayazi ngakho.
I-NPA ithi kwaba nesikhathi lapho zishuba izinto emshadweni wabo, uDias waphuma emzini kwakhe wayohlala noTeagan abase beqomene.
“Laba ababili bahlela ukubulala uButtle ukuze uDias ahlomule emalini yomshwalense. Bafaka noCharmaine owayengumakhelwane ezinhlelweni zabo,” kusho iNPA.
Ngelanga lesigameko kuthiwa uDias wayenga uButtle ukuba eze eNewlands East emkhohlisa ngokuthi bazophemba kabusha umshado wabo.
Kuthiwa baphuza iwayini badakwa bamayoywane baze bazitika nangocansi. Kuvela ukuthi ngesikhathi uButtle esengazelele, wagwazwa amanxeba angu-53 wafa.
“UDias waphuma wayofuna usizo komakhelwane wathi sebedunwe imoto nomyeni wakhe. Laba besifazane baboshwa emuva kokutholakala kwemiyalezo ezingcingweni zabo lapho kwakwakhiwa khona itulo lokubulala umufi,” kusho iNPA.
I-NPA izamukelile izigwebo zenkantolo futhi yancoma ukubambisana okube khona phakathi kwamaphoyisa nabashushisi okuzuze impumelelo.