ZAKHELE XABA
K UFEZEKE iphupho lendodakazi kasihlalo we-Orlando Pirates engasekho, uZodwa Khoza, ngokuqashwa komqeqeshi uMuhsin Ertugral kuleli qembu.
IPirates imemezele u-Ertugral njengomqeqeshi wayo omusha ozothatha indawo ka-Eric Tinkler ngasekuqaleni kwesonto.
Lo mqeqeshi, obepheka iMpumalanga Black Aces edayiselwe uJohn Comitis eKapa, ubekade esekhonjwa eqenjini elisha elizoqalwa yilesi sikhulu. Kulindeleke ukuthi u-Ertugral aqale umsebenzi wakhe kuPirates ngoJulayi 4 kwazise usematasa nokuhlaziyela isiteshi seTV sangakubo eTurkey imidlalo ye-EURO 2016 eqhubekayo eFrance.
Ekhuluma esiteshini iMetro FM, ohlelweni i- 083Sports@6, ngoLwesithathu ntambama, u-Ertugral uveze ukuthi ukuqokwa kwakhe njengomqeqeshi wePirates kwakuyisifiso sendodakazi kasihlalo u-Irvin Khoza, uZodwa, owashona ngo-2006.
UZodwa wayekade eshade nesihlabani seBafana Bafana uSizwe Motaung esadlula emhlabeni ngo-2001.
“UZodwa wayehlale engitshela ukuthi ngelinye ilanga ufuna ngiqeqeshe iPirates. Sasiphuma naye siyodla isidlo nonkosikazi wami, uma engibingelela engibiza ngomqeqeshi wePirates. Wayesho ukuthi ngelinye ilanga uzongenza umqeqeshi waleli qembu. Ngiyajabula ukuthi isifiso sakhe sesifezekile,” kusho u-Ertugral.
“Izingxoxo azithathanga isikhathi eside kwazise konke kuqale emuva kokuthatha isinqumo sokungaqhubeki ne-Aces. Emuva kokukhuluma noComitis ngokuhamba neqembu, ngithathe isinqumo sokungaqhubeki nalo. Kuningi ebekufanele ngikubheke, ikakhulukazi njengoba kuyiqembu elisazoqalwa phansi.”
U-Ertugral akaphumelanga obala ngozoba yiphini lakhe kuPirates. Kusabalale ukuthi ufuna ukusebenza nowayengukaputeni waleli qembu noma owayedlala kulona. Kuvele amagama abadlali abafana noJerry Sikhosana, Lucky Lekgwathi, Dan Malesela (oqeqesha iChippa United) nabanye. Nokho kuvele ukuthi okwenze u-Ertugral anqabe umsebenzi kwaComitis ukuthi bebenqaba afike nephini lakhe uPatrick Mabedi owayedlala kuKaizer Chiefs. AbakwaComitis bebefuna asebenze no-Ian Taylor owayengunozinti we-Ajax Cape Town.
“Indaba yephini lami ngizoyikhuluma uma sengibuyile eNingizimu Afrika ngo-Julayi 4. Kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi iPirates ayibanga nenkinga uma ngiza no-Elsa Storm ozojimisa abadlali,” kusho u-Etugral.
U-Ertugral unengcindezi yokuwina indebe kuPirates kwazise izobe igubha iminyaka engu-80 yasungulwa ngesizini ezayo.