UKHUNGATHEKILE umndeni womfundi waseNombika High, eNdwedwe, obesematheni ngodaba lwebhayi lezangoma esikoleni, kulandela ukuzibulala kwakhe ngeSonto.
UMbalenhle Ngobese (15), obenza uGrade 10 kulesi sikole, obeyisangoma esigcwele kulandela ukuthwasa ngasekuqaleni kwalo nyaka, utholwe ezilengisile emhosheni oseduze kwakubo.
Umzala wakhe, uNksz Gugu Ngobese, uthe abanaso isiqiniseko sokuthi kungani ezibulele ngoba akukho nencwadi ayishiyile.
Uthe ngosuku lwesigameko umufi waphuma kubo eqeda ukuhilizisana nomfowabo.
“Babebanga ukuthi umfowabo uthole ukuthi useqomile. Wadinwa, waphuma wahamba. Umndeni wazitshela ukuthi uhamba ngoba efuna ukushaywa wumoya kancane kanti uzogcina etholakala elenga ngeshethi ayeligqokile emhosheni oseduze kwakubo,” kusho uNksz Ngobese.
Uthe akusikho okokuqala ehilizisana nomfowabo yingakho kubadidile ukuthi yini esingadala ukuthi aqoke ukuthi athathe impilo yakhe.
“Sisola ukuthi kuningi avele wakucabanga, kubalwa nayo le nkinga abenayo nesikole ngendaba yebhayi,” kusho uNksz Ngobese.
UMbali ube ngundabamlonyeni ekuqaleni kwale nyanga kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi ubuholi besikole iNombika bamnqumela ugwayi katiki ngodaba lwebhayi abelifaka ngaphezu komfaniswano wesikole.
Ngaleso sikhathi Isolezwelathola ukuthi isikole sathi kufanele akhethe phakathi kokuthi ibhayi ulifaka ngaphansi komfaniswano, lingaveli noma uthola esinye isikole esizomvumela ukuthi alifake ngaphezu komfaniswano njengoba efuna.
UMnyango wezeMfundo KwaZuluNatal esitatimendeni uzwakalise ukudabuka ngokudlula emhlabeni kukaMbali.
“Umnyango ungenelele enkingeni abe nayo esikoleni, umfundi wabuyela esikoleni ukuba ayofunda njengazo zonke izingane. Umnyango ufisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini womfundi nakulabo abasondelene naye,” kusho istatimende.
Siqhube sathi ngokwemininingwane yobuholi besekethe, umfundi ubuyile wazibhala zonke izivivinyo zikaJuni.Sithe umnyango awukakatholi ukuthi yini eholele ekutheni umfundi athathe isinqumo sokuzibulala.
Siveze ukuthi izikhulu esifundeni iLembe zithunyelwe kubo kamfundi ukuyothola kabanzi ngokufa kwakhe.
Amaphoyisa athe azokwazi ukuqinisekisa uma esethole imininingwane yecala.