UZOGUGELA ejele owesilisa ogwetshwe odilikajele abathathu ngokudlwengula ephindelela ingane yakhe, kusukela ineminyaka emihlanu, kwaze kwaba uyayikhulelisa isineminyaka engu-15.
Le ndoda eneminyaka engu-49, igwetshwe yiNkantolo yesiFunda yase-Estcourt kuleli sonto.
Kuthiwa iqale ukugila le migilingwane ngonyaka u-2005 ngesikhathi ihlala nomgilwa emuva kokuthi ihlukane nonina wengane.
Kuvela ukuthi ngo-2007, umgilwa noyise bathutha e-Estcourt baya kohlala eMbali, eMgungundlovu.
Nakhona kubikwa ukuthi lo wesilisa waqhubeka wadlwengula ingane yakhe eyisabisa ngokuthi uzoyibulala uma ixoxela abantu ayekwenza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe umgilwa wakhulelwa eseneminyaka engu-15 emuva kokudlwengulwa, wabeletha ingane yomfana.
UNetshiunda uthi isigameko size sabikelwa amaphoyisa ngo-2020 wagcina eboshiwe owesilisa.
Amaphoyisa athe umphenyi wecala, uSergeant Sandile Sanele Madlala, wophiko lwamacala athinta udlame, ukuvikelwa kwezingane nathinta ucansi e-Estcourt, uhlanganise ubufakazi obuqanda ikhanda obugojele le ndoda.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi wethulele isigqoko uMadlala ngomsebenzi awenzile, ethi wenze isiqiniseko sokuthi buyenzeka ubulungiswa.
“Abanandawo emphakathi abantu abahlukumeza abantu besifazane nezingane, nalabo abaphula amalungelo abo. Siwumbutho wamaphoyisa sizoqhubeka siwaphenyisise amacala alolu hlobo,” kusho uMkhwanazi.
Uqhube wathi bazoqinisa ukuphepha nokuvikelwa kwabantu besivazane nezingane njengoba kulotshiwe kwiChapter 12 weNational Development Plan: Vision for 2030.
Le ndoda igwetshwe ngesikhathi iNingizimu Afrika inomkhankaso wezinsuku ezingu-16, olwa nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nasezinganeni.
UMkhwanazi uthe bazoqhubeka babeke eqhulwini amacala athinta abantu besifazane nezingane, besebenza ngokubambisana nophiko lwezokushushisa.
Uthe ngalobu budlelwano bafuna ukuqinisekisa ukuthi abahlukumeza abantu besifazane nezingane, babhadla ejele isikhathi eside.