KUBATSHAZWA isibindi nobuqhawe bensizwa etholane phezulu nekhonde lemfene ebelihlupha umphakathi, yalinqoba eSigaganeni kwesaKwaMthwethwa, eMpangeni.
UMnuz Mzwandile Mthethwa (27) obehamba namanye amaphisi bezingela, babone inja yabo itholana phezulu nesilwane thizeni, abaqale bangaqonda kahle ukuthi yini, uma bebuka bathola ukuthi wuqholwane wemfene.
UMthethwa uthi bame khimilili, bebuzana ukuthi yiyo ngempela yini, base beyithelekela ngezinja zabo ezingu-15 ezibukhali abazingela ngazo.
UMthethwa ophila ngokubamba itoho, uthi ikhonde libhudulisane nezinja isikhathi eside kuliwa, kubonakala ukuthi linenkani. Uthe balihubhe ikhonde laze layoncika ngesibaya somuzi thizeni. Bathathe igeja beligenca ngalo kukubi. Kuthiwa kuphume wonke umuntu kwasuka isidumo endaweni abantu befuna ukuzibonela.
Kuthiwa bekuchwaza inkundla ngesikhathi umphakathi ubuka kubulawa ikhonde ebelibahlalise lubhojozi. UMthethwa uthi umphakathi uzoke uphumule yikhonde ebelihlupha emzini yabantu ebusuku.
“Ibihlupha kakhulu. Abantu bayajabula njengoba ibulewe nje. Bayabonga kakhulu. Iyalwa kakhulu imfene, akubanga lula ukuyinqoba. Besihlomile siphelele ngisho amabhawodi, sayishaya saze sayinqoba,’’ kusho uMthethwa.
Uthe ujwayele ukuzingela abambe izinyamazane ngezinja zakhe namanye amaphisi. UMthethwa wubezwakala ekhululekile nje, kuzwakala ukuthi yinto encane kuye, wubesiza umphakathi obuxakekile.
Uthe ikhonde lithathwe ngomunye umelaphi wendabuko wakwenye indawo oyothaka ngalo amakhubalo akhe. Kuthiwa imfene kayaziwa ukuthi ngekabani noma ifike kanjani endaweni njengoba ihluphe yaze yabulawa ngamaphisi. Elinye ilungu lomphakathi elithe lisaba ukuvela ngoba alazi ukuthi imfene ngekabani, lithi lijabule ngokuthi ibulawe ngoba bese besaba.
“Besilokhu sizwa kuthiwa kukhona imfene endaweni. Bese sisaba nokuhamba ngoba kasazi ukuthi izosenzani. Usebenzile lo muntu oyibulele kodwa siyasola nje ukuthi yimfene yomuntu thizeni. Kungenzeka ukuthi iphunyukile manje sekunzima ukuthi avele,’’ kusho ilungu lomphakathi.