UZOVELA eNkantolo yeMantshi oPhongolo umshayeli weloli elidale isibhicongo sengozi kuN2 ngoLwesihlanu ntambama.
Kuthiwa lo mshayeli ubezama ukudlula elinye iloli ngesikhathi eshayisa iveni elincane ebelilayishe abafundi nabantu abadala abambalwa.
Ukuphangalala kwabantu abangu-20 kule ngozi kushiye abantu abaningi bekhala.
NgoMgqibelo iBamba likaNdunankulu wesifundazwe, uNomagugu Simelane, lijube ithimba elihlanganisa uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi, uMnuz Sipho Hlomuka, owezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, neBamba likaNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Bongi Moloi-Sithole, ukuba lixhumane nemindeni ngosizo oluphuthumayo.
Labo ngqongqoshe bazophelezelwa yithimba elihlanganisa abamele uMnyango wezokuThutha kuzwelonke, abeRoad Accident Fund, Road Traffic Management Corporation, amaphoyisa nabeRoad Traffic Inspectorate.
Leli thimba lizohambela izikole ezine obekufunda kuzo abafundi abashonile, linikele ngosizo kothisha, abafundi nomkhandlu owengamele izikole. Lizohambela nasenkantolo lapho okuzovela khona umshayeli weloli elidale ingozi.
UNdunankulu, uNKK uNomusa Dube-Ncube, uthe kuzosungulwa isikhungo esikhethekile sokulekelela imindeni yabashonile kulesi sibhicongo.