NJENGOBA kulindeleke ukuthi uvale kusasa umgido wezintombi nto ebandleni lamaNazareth ohlangothini lwaseBuhleni, sekuzolindwa usuku lokuvalwa komhlangano ukuze izinsizwa zikwazi ukukhetha labo abazobenza ngamakhosikazi.
Umhlangano wamaNazaretha uqale ekuqaleni kwale nyanga uJulayi, kuba nemigido ehlukene okubalwa owezintombi, izinsizwa kanjalo nomama.
Izintombi ziyaye zigqoke izivatho ezehlukahlukene kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa, kusasa wusuku lwesikhombisa selokhu kuqale umgido, okusho usuku lokugcina ngakolwazo uhlangothi.
Izintombi zizobe seziya ebhentshini lapho zizofika zikhethwe khona ukuze zibe ngomakoti bezinye zezinsizwa zaleli bandla.
Engxoxweni ekhethekile phakathi kweSolezwe Ngempelasonto Online, okhulumela leli bandla uMnuz Thokozani Mncwabe ukuqinisekisile ukuqeda kwezintombi umgido wazo kusasa, waveza ukuthi izinsizwa zona zizoqhubeka.
“Uma sekuvalwa izintombi zizohlala ebhentshini lapho zizokhethwa khona. Kukhethwa cishe ezingu-3000 ngesikhathi, kuphinde kubhabhadiswe abantu abangu-5000,”kuchaza uMncwabe.
Unxuse bonke abahambele umhlangano ukuthi baziphathe kahle, balalele izwi lenkosi nje kuphela.