KUPHENYWA udokotela ongumphathi womtholampilo waseNdwendwe okuthiwa ubefuna ukuxosha emsebenzini umhlengikazi ongaphansi kwakhe ecasulwa ukuthi unemiyeko yezangoma ekhanda.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi lo dokotela esiligodlile igama lakhe, odabuka eNigeria, kodwa osenesikhathi engumphathi womtholampilo waseNdwedwe, uyaphenywa emuva kolaka lomphakathi obusuhlele imashi obekuhloswe ngayo ukuthi axoshwe.
Kuthiwa udokotela usabise uSister Lindiwe Ngcamu (45) ngokuthi uzomxosha emsebenzini uma engayigundi imiyeko yakhe yezangoma agqashule nobuhlalu ezihlakaleni ngoba uphazamisa ukusebenza komtholampilo ngokuba yisangoma. Kuthiwa ukhale ngokuthi kuneziguli ezingamaKhrestu ezingahambisani nobungoma.
“Uqale wangibhalela incwadi yokuqala ebikalelwe izinsuku ezinhlanu ukuthi ngigunde imiyeko. Uthe uma ngingakwenzi lokho ngizothola incwadi yesibili ezobe ingibizela ecaleni ukuze ngixoshwe. Lokhu abekwenza kuvele kwangixaka ngoba uMnyango wezeMpilo uyasebenzisana nabelaphi bendabuko futhi angiphambananga nomthetho ngokuba nemiyeko yobungoma. Ngiyayigoqa kahle ngishuqule ngoba akuvumelekile ukuthi imiyeko ithinte umfaniswano wokusebenza uma ngisesibhedlela noma emtholampilo. Lokhu abekwenza ngikubone kungukubukela phansi isiko lwami,” kusho uSister Ngcamu.
Uthe udaba lwakhe ulubikele iNdwedwe Development Committee ebhekelele ukuthuthuka kwale ndawo nokusebenza komtholampilo endaweni.
USihlalo weNdwedwe Development Committee, uMbhishobhi uTimothy Ngcobo, uthe sibacasule kakhulu isenzo salo mphathi womtholampilo.
“Bese sihlele imashi ezoya emtholampilo ukuyofaka ingcindezi yokuthi asuswe esikhundleni sokuphatha umtholampilo.
“Ukhombisile ukuthi akawahloniphi amasiko abanye abantu Ezinye izinhlanga ziyakwazi ukusebenza zigqoke izinto ezihambisana nosiko lwazo, zingaphazanyiswa wumuntu. Lokhu akwenzile akwemukelekile,” kusho uNgcobo.
Uthe ngesikhathi becelwa ngaboMnyango wezeMpilo ukuthi bangaqhubeki nemashi, nabo bacele ukuthi udokotela amiswe emsebenzini ngoba ngeke bakuvumele ukuthi umtholampilo uphathwe wumuntu ohlukumeza abasebenzi futhi kungeyena nowaseNingizimu Afrika.
“Asinankinga ukuthi abe ngudokotela emtholampilo kodwa hhayi ukuba wumphathi ngoba akayiqondi indlela okuphilwa ngayo emakhaya,” kusho uNgcobo.
USister Ngcamu uthe useneminyaka elinganiselwa ku-16 engumhlengikazi. Uthe ubevele ehola uhlelo loMnyango wezeMpilo lokusebenzisana koMnyango wezeMpilo nabelaphi bendabuko, okuwumsebenzi anesitifiketi sawo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Noluthando Nkosi, uthe: “Ngaso sonke isikhathi, umnyango unomsebenzi obalulekile wokuqhakambisa ukubaluleka kokuhlanzeka nokuphepha kwesikhungo sezempilo namalungelo abasebenzi ngasohlangothini lwezenkolo, nokuyinto evikelwe wuMthethosisekelo.
“Umsebenzi okukhulunywa ngaye uyaqhubeka nokusebenza efake lokho adinga ukukufaka. Abaphathi besibhedlela bazoqinisekisa ukuthi ukuphepha kweziguli ukuthi akubekeki engcupheni, kanti futhi akuhlukumezeki muntu.”
Uthe udokotela akamisiwe emsebenzini kodwa uke waya ekhefini ngesikhathi kusuka izinxushunxushu sekungenelela nomphakathi. Udaba lwalo mhlengikazi nomphathi wakhe uthe luyaphenywa.
Okunye okuvezwe wuNksz Nkosi ukuthi amalungu omphakathi aseNdwedwe abesesola nokuthi udokotela akanazo iziqu zobudokotela, okungelona iqiniso.