SELUKHISHIWE usuku okuzohlala ngalo icala lombango wobuholi bebandla lamaNazaretha phakathi kwabaseBuhleni nabaseThembezinhle, eNkantolo yoMthethosisekelo.
Ummeli waseThembezinhle, uMnuz Trevor Nkosi ukuqinisekisile ukuthi icala lombango lizohlala okokugcina ngoSepthemba 15.
Uthe kulokhu kuzobe sekuphela futhi ngeke kusaba khona lapho lizodluliselwa khona.
“Inkantolo yoMthethosisekelo ngeyokugcina ayikho edlula yona kulolu hlobo lwecala. NgoSepthemba 15 izodingidwa okokugcina indaba yombango webandla bese kuphuma isinqumo. Uma kungukuthi inkantolo iqhubeka ivuna abaseThembezinhle, kuzophoqa ukuthi sisebenzise isinqumo sejaji * -Achmaat Jappie, elathi umholi ofanele ngowakhethwa ngencwadi yefa eyabhalwa wumholi osakhothama uThingolwenkosazana,” kusho uNkosi.
Mayelana nokuthi leli cala lihlale kodwa kusebenze ubuchwephephe banamuhla, uthe izinhlangothi zombili azikuvumi lokho.
“Ngenxa yokuthi zombili izinhlangothi bezinesifiso sokuthi leli cala liqulwe bukhoma ngenxa yokubaluleka kwalo, sifake isicelo enkantolo ukuthi kwenzeke ngokwesifiso sazo. Inkantolo ithe izosinika impendulo eqondile ngo-Agasti ukuthi kuzokwenzekani. Noma kwenzeka ukuthi isicelo sethu siyamukelwa kodwa angiboni ukuthi kuzovunyelwa namalungu ebandla ukuthi aye enkantolo ngaphandle kwabameli,” kuqhuba uNkosi.
Leli cala selidonse kusuka ngo-2011, ngemva kokukhothama kwenkosi yamaNazaretha uThingolwenkosazana.
AbaseThembezinhle sebevunwe yinkantolo kathathu kuleli cala, ethi umholi ofanele yinkosi uVela Shembe Imisebeyelanga owabhalwa encwadini yefa.
Yize inkosi uVela Shembe esakhothama ezicathulweni zakhe sekungene inkosi uPhinda Shembe Ukukhanyakwelanga, okunguyena obhekene nomholi waseBuhleni manje, uMnuz Mduduzi Shembe.