UNGOTI wezepolitiki uthe umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukhombise ukuxhamazela ngokuhlokoloza abaholi beqembu abasola ngokuthi bazwelana nobeyiphini lakhe, uMnuz Floyd Shivambu.
UDkt Ongama Mtimka uthe bekungafanele ukuthi uMalema agudle labo asola sengathi bazolandela uShivambu, oshiye kuleli qembu ngeledlule, wajoyina i-MK.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabe-Newsroom Afrika.
UMtimka ukhuluma kanjena nje, uMalema ubebhodla umlilo ngesikhathi ekhuluma namalungu eqembu ngoMsombuluko, eGoli.
UMalema utshele amalungu eqembu afuna ukuhamba ukuthi awahambe.
Kusukela kuhambe uShivambu nobeyilungu lePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi, kulokhu kunamahlebezi okuthi kukhona amanye amalungu e-EFF asazoshiya.
Kepha uMalema uthe angeke babancenge labo abafuna ukuhamba.
“Ngifuna ukubatshela labo abafuna ukuhamba ukuthi abahambe manje. Asikho isizathu sokuthi sibancenge.”
UMtimka uthe uMalema bekufanele alusingathe ngenye indlela lolu daba.
“Ngibona sengathi ugagamelile. Kunokukhuluma okuthi le nto yokushiya kwabantu izolokhu yenzeka kancane kancane. Bekufanele ukuthi yena uMalema alinde bahambe bonke ngaphambi kokuthi akhulume.”
UMtimka uthe i-EFF ilahlekelwe kakhulu ngokushiya kukaShivambu.
“I-EFF angeke iphinde ifane. UMalema noShivambu bayakha, beyisusa phansi i-EFF.”
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Lukhona Mnguni, uthe inkulumo kaMalema ikhombisa ukuthi imthusile eyokushiya kukaShivambu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ne-SABC.
“Kufanele ukuthi uyatatazela. Kufanele ukuthi uzibuza imibuzo. Uma kushiya umuntu onjengoShivambu, abayiqala naye phansi i-EFF, kufanele athuke. Kule nkulumo uMalema ubezama nje ukuziduduza. Nginesiqiniseko sokuthi wayengakaze akucabange ukuthi i-EFF izoqala ukulahlekelwa amandla kusaphethe yena.”
UMnguni uthe okunye okuthusa uMalema ukuthi usezokuba nephini elisha.
“Uma ubheka zonke izikhundla kwi-EFF, uShivambu noMalema kuphela abebengakaze bashintshwe. Kusukela kwaqalwa i-EFF, bebelokhu bezibambile izikhundla zabo. Zonke lezi ezinye izikhundla sekube nezinguquko. Manje usekuba nephini elisha. Kungenzeka ukuthi isikhundla sithathwe umuntu angemethembi.”
UMalema umemezele ukuthi wonke amandla abephethwe uShivambu asezobuyela kuyena.
Uthe bafuna ukuqeda yonke into ezobakhumbuza uShivambu kwi-EFF.