UKHALE ngesihluku okubulawe ngaso indodana yakhe edutshulwe yashona nezihlobo zayo ezimbili ngesikhathi besendleleni bebuya ukuyovota eSihlabeni, eMuden.
UMnuz Mdumiseni Mzila, onguyise kamufi, uMnuz Menzi Mzila, usola ukuthi siwubugebengu isenzo sokubulawa kwendodana yakhe.
UMzila uthe ukusocongwa kwendodana yakhe entathakusa ngoLwesine akuhlangene nhlobo nokuvota.
“Bese bebuya ukuyovota, beziyela ekhaya badlula komunye umuzi bethi bayothenga i-artime kanti bazodutshulwa. Kuyakhombisa ukuthi abantu ababadubulile bebebalalele unyendle,” kusho uMzila ngosizi.
Lo wesilisa uthe abanye ababulewe kulesi sigameko wumshana wakhe uMnuz Foni Dladla noMnuz Fundo Mdletshe ongumzukulu wakhe.
Ukubulawa kwabafi uthe kubashiye bedumele bewumndeni, wakhala nangendlela eyisihluku abasocongwe ngayo.
Kuthiwa ababulewe bekungabesilisa abathathu behamba ngemoto namantombazane amathathu.
Enye yalawa mantombazane kuthiwa ilimalile ngesikhathi behlaselwa, amabili aphuma engenamyocu.
Amaphoyisa athe uphenyo lwawo luveza ukuthi imoto obekuhanjwa ngayo yayikade ibikwe njengeyebiwe eGoli.
“Ayikho into esike sayizwa njengabazali babo ukuthi bayenzile. Besingakwazi ukuthi imoto abebehamba ngayo yebiwe, siqale ukukuzwa ngamaphoyisa lokho. Sifuna uhulumeni aqinise umthetho, amaphoyisa abathungathe ababophe ababulali,” kusho uMzila.
Uchaze ababulewe wathi ngokwazi kwakhe bebeyizingane eziziphethe kahle, bebengakaze bathole izikhalazo ngabo ezivela emphakathini.
UMzila uthe ababulewe bebengasebenzi kodwa uzobakhumbula njalo uma ebona izingane ezilingana nabo.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda uthe ababulewe baneminyaka engu-22, 24 nengu-25. Uthe kabaziwa ababulali nembangela yokusoconga kodwa uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Unxuse noma ubani ongaba nolwazi olungalekelela amaphoyisa ekutholeni abasolwa ukuba aludlulisele emaphoyiseni aseduzane noma abike kwabakaCrime Stop enombolweni yocingo ethi: 08600 10111.