SAGEJA umgodi Isilo samaBandla ngasohlangothini lwezomthetho, ngokukhomba indlela amalungu ebhodi leNgonyama Trust, njengoba singenawo amandla okuqoka nokuxosha la malungu.
IMbube engusihlalo webhodi leNgonyama Trust, ingabizwa ngaphambi kwekomiti lezoMhlaba ePhalamende ukuzophendula ngomsebenzi waleli bhodi.
Lokhu kuvezwe ngumbono wezomthetho ohlwaywe yikomiti lezoMhlaba ePhalamende, ngemuva kwesinyathelo seMbube sokukhomba indlela amanye amalungu ebhodi, ngoba singeneme ngendlela elisebenza ngayo leli bhodi.
Lo mbono owethulwe ekomitini izolo, kuvele ukuthi amandla okuqoka nokuxosha amalungu ebhodi, alele kuNgqongqoshe wezoMhlaba, uMnuz Mzwanele Nyhontso.
Oweluleka iPhalamende kwezomthetho, uMnuz Bulelani Simani, uthe iMbube yazinika amandla engenawo okuxosha amalungu ebhodi.
“Ikomiti lasePhalamende linamandla okubiza iMbube izochaza ngokusebenza kwebhodi njengoba ingusihlalo walo. Uma obizwayo egoloza, umthetho uyalivuna ikomiti ukuthi limnike amasamanisi azomphoqa ukuthi ezophendula. Lokhu kwenziwa ngoba iNgonyama Trust, ithola imali ngakho kumele iphendule ngokusebenza kwaleyo mali,” kusho uSimani.
Uveze ukuthi amalungu amanye ebhodi aqokwa ngungqongqoshe emuva kokuxhumana neMbube, undunankulu wesifundazwe kanjalo nobuholi bomdabu.
“Noma esesuswa la malungu ebhodi amandla akungqongqoshe, okumele axhumane neMbube, undunankulu kanjalo nobuholi bomdabu. ISilo esabuza uMdlokombane, wayengusihlalo webhodi leNgonyama, kodwa wayeqoka umuntu ozongena kulesi sikhundla ukuze kube nguyena ozophendula ngokusebenza kwalo,” kuqhuba uSimani.
Amalungu ekomiti athe amalungu ebhodi aseyingxenye njengoba axoshwa ngokungemthetho.
Leli komiti liza KwaZulu-Natal isonto lonke ukuzozitholela okwenzekayo kuleli bhodi. Lihlele ukuhlangana neMbube ngoFebhuwari 24, bese lihlangana nebhodi leNgonyama.
Lizohlangana nezinye izinhlaka okubalwa nabalimi.
UMnuz Bonginkosi Madikizela we-DA, ilungu lekomiti, uthe asikho isidingo sokuthi bahlangane namalungu ebhodi leNgonyama Trust, ngoba bangabuye bahlangane nawo ngesinye isikhathi.
Usihlalo wekomiti, uMnuz Mangaqa Mncwango, ubelokhu ekuphindile ukuthi akusona isinqumo sabo esivezwe abezomthetho ePhalamende kodwa bebefune umbono ngenxa yezinselelo kwiNgonyama Trust.
UMncwango uthe sikhona isidingo sokuthi bahlangane neNgonyama Trust ukuze bathole isithombe esiphelele ngokwenzekayo.
“Ngokohlelo lwethu lwesikhashana oselugunyazwe yiPhalamende, sizobhalela iMbube sicele ukuhlangana nayo. Ngemuva kokuhlangana neSilo sizobe sesihlangana nebhodi leNgonyama Trust,” kusho uMncwango.
Uthe babona kubalulekile ukuthi bahlangane noMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ngoba amakhosi angaphansi kwakhe.
“Sizohlangana nomphathiswa ngaphambi kokuba sihlangane neSilo. Sizozwa ukuthi zithini ezakamuva kwezithinta ibhodi leNgonyama,” kusho uMncwango.