SELIVULELWE amacala okudicilela phansi isithunzi sezinkampani zabangcwabi ibandla lika ‘Mphrofethi’ Alph Lukau i-Alleluia Ministries International (AMI).
Izinkampani ezintathu zabangcwabi ezimangalele leli bandla yiKing & Queens, Black Phoenux neKingdom Blue. Lezi zinkampani zivule amacala okudicilelwa kwesithunzi kulandela ukusabalala ‘kwesimangaliso’ esenziwe uLukau ethandaza ‘evusa’ owesilisa waseZimbabwe ibandla elithe bese kuphele izinsuku ezintathu ashona.
Leli bandla lathinta iKingdom Blue ukuze lithole ibhokisi, lasebenzisa izikhangiso zeBlack Phoenix ezanamathiselwa emotweni eyayithwele ‘isidumbu’ lase lixhumana neKing & Queens ngemoto.
“Kuyaphoxa ukuthi umphumela walento usuthikameze isithunzi sezinkampani zethu nomsebenzi eziwenzayo emphakathini,” kusho lezi zinkampani esitatimendeni esisodwa.
Zithe lolu daba zilubikile nasesiteshini samaphoyisa, eJeppe ukuze kuphenywe kabanzi ngalo.
IKings & Queens ibhale ekhasini layo kuFacebook yathi: ‘njengenkampani yezemingcwabo, asizamukeli izidumbu ngaphandle kwamaphepha asemthethweni.
Asizidedeli izidumbu ngaphandle kwamaphepha agunyaza lokho. Sisezinhlelweni zokuthatha izinyathelo zezomthetho ngokuthunazwa kwesithunzi sethu.”
Ngemuva kokubuka ivideo, abahlaziyi bezidumbu bathe leli bandla belizikhohlisela abantu nje ukuze libaluthe kalula.
Ngokwabangcwabi isidumbu esizohanjiswa ezweni langaphandle sifakwa amakhemikhali ukuze singasheshi sibole, kukhishwe igazi kuso njengendlela yokunciphisa ukusabalala kwamagciwane kuso, bese kuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezine ukuthola amaphepha okuthi siphume emakhazeni sihanjiswe kulelozwe.
Usihlalo wenhlangano yabangcwabi iFuneral Industry Reformed Association (Fira) uMnuz Johan Rousseau uthe ukwenzeki ngangephutha isidumbu sowangaphandle singomiswa ngamakhemikhali. URousseau uthe okunye okumcaciselile ukuthi kungamanga aluhlaza cwe ukuvuswa kowesilisa kube yilesikhathi lapho lo obekuthiwa uvusiwe esekhamisa khona.
“ENingizimu Afrika izidumbu ziyathungwa izindebe zomlomo zivalwe. Bayaye bakwenze ngaphakathi lokho odebeni olungezansi nolungehla. Umlomo usuke uvaleke thaqa ngakho akukwazi ukuthi kukhona uuntu ongavuswa ekufeni akhamise. Awusoze wabona isidumbu sinamehlo nomlomo okuvuliwe,” usho kanje.
Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star lizamile ukuxhumana nebandla kwanhlanga zimuka nomoya, ozibiza ngoMnuz Nelson uthe uLukau nomsizi wakhe abekho.