SEKUPUTSHUKE imibiko ngokwethuka komphakathi umelaphi wendabuko ophinde ahole ibandla i-Ekuphileni Ministries, enweba idamu elisemzini wakhe eMid Illovo njengoba ezoba nenkonzo enkulu ngo-Okthoba 30.
Isolezwe lithole ngemithombo engashayi eceleni ukuthi uZamokwakhe “ King Bhaka” Nzama, umatasa nokunweba leli damu okuke kwaduma ukuthi lihlala uxamu osabisa abantu endaweni.
Uma ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana uveza eyenkonzo enkulu azoba nayo nalapho kuzobe kulashwa khona abantu mahhala.
Umthombo weSolezwe osondelene nalolu daba nongumakhelwane kaKing Bhaka eMid Illovo, uveze ukuthi kumanje selinwetshiwe likhulu idamu.
“ Kulezi zinsuku umatasa nokulinweba liba likhulu idamu lakhe. Sisamangele ukuthi kwenzekani njengoba ememezela ukuthi kuzoba nenkonzo maduze khona. Eyokunweba idamu ngale ndlela asiyiqondi ngoba akayichazeli muntu. Sibona ngomshini nje olokhu umatasa ulinweba idamu. Kulikhuni nokubuza ukuthi kwenzekani ngoba idamu lingaphakathi emzini wakhe. Akulula ukubuza izindaba zemizi yabantu,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi kuleli damu kuvamise ukuthi kungene kulona uxamu omkhulu nosabisa abantu endaweni. Uthe sekuke kwakhulunywa kakhulu ngendaba yalo xamu ovamise ukuhlala esangweni kubo kaBhaka abantu bagcine beshintshe indlela ugcine usubonakala uyongena edamini.
Ethintwa uBhaka uvumile ukuthi uzobe enenkonzo enkulu ngo-Okthoba 30.
“ Kuzobe kunenkonzo enkulu ezohamnjelwa ngabantu abaningi. Ngenxa yokuthi ngingumelaphi wendabuko ngiyazi abanye abantu ngibalapha ngokubayisa emanzini. Njengoba kuzobe kuyinkonzo ngizophinde ngilaphe abantu mahhala ngalolu suku. Ngasekhaya ayikho imifula emikhulu ongakwazi ukuyisa kuyona abantu yingakho ngenza idamu egcekeni ukuze ngikwazi ukulisebenzisa ukulapha. Idamu angilinwebi kodwa ngiyalihlanza ukuze abantu bangene emanzini ahlanzekile. Njengoba engekho ohlala eligadile idamu ekhaya, ngenzela ukuthi noma ngabe kukhona ophose amabhodlela kungalimali abantu uma kwenzeka kukhona ofuna ukulashwa ngokuyiswa emanzini. Okukaxamu ngakusho nasekuqaleni angikaze ngiwubone,” kusho uBhaka.