SIMAZONZO isimo esizweni samaQiniselani MaNyuswa, eZiqoleni, kulandela ukudutshulwa kubulawe indodana nenduna yeNkosi edukile, uMakhosandile Ngcobo.
UNgcobo akakaze atholakale kusukela athunjwa ngasekuqaleni konyaka odlule.
Izolo ekuseni kudutshulwe kwabulawa indodana yakhe, uMnuz Mqondisi Ngcobo, ehostela iWema, eThekwini.
Ukubulawa kwakhe kulandela ukubulawa kwenye yezinduna ezindala zakulesi sizwe, uMnuz Mgcinelwa Ngcobo.
UMgcinelwa, obesebe induna kusukela ngeminyaka yawo-1980, udutshulwe wabulawa kanye nenkosikazi yakhe ngoLwesihlanu.
Babulawe emva kokugasela komlisa ongabonwanga, ofike wavulela ngenhlamvu.
Enye yezinduna ecele ukuba igama layo lingadalulwa, ithe uMgcinelwa kanye nenkosikazi yakhe badutshulwe behlezi exhibeni.
“Umbulali ufike wakhahlela isicabha, wabe eseyadubula. Udubule izikhawu eziningi. Umama uthe ethi uzama ukubaleka, naye bamdubula. Kube inhlamvu eyodwa kumama, kanti induna yona idutshulwe ngezinhlamvu eziningi.”
Le nduna ithe bahlalele ovalweni njengoba ithe baningi abanye abantu asebebulewe kule ndawo.
“Isimo sibi endaweni. Kunabanye abantu abayizihlobo zenkosi edukile ababulewe. Sesilala obenyoni. Asazi ukuthi uma kushona ilanga kuzokwenzekani.”
Kuvela ukuthi uMgcinelwa udutshulwa nje ubengasaholi.
UMnuz Phakamani Dlamini woBumbano Lwezinduna, uveze ukuthi umholo kaMgcinelwa wamiswa ngo-2020.
“Watshelwa ukuthi igama lakhe lifana nelenye induna esiyashona. Asazi noma izinombolo zikamazisi nazo bezifana yini. Le nto ibukeka iwubudedengu.”
UDlamini uthe bazolwela ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uyikhokhe yonke imali yemiholo yeminyaka emibili obekufanele itholwe uMgcinelwa.
“Sizokuqinisekisa ukuthi imali induna eyisebenzile, yaze yafela kuwona umsebenzi wobuholi bomdabu, iyayithola. Umnyango awenze ubulungiswa, ungabi uhulumeni ocindezela abantu abamnyama.”
UDlamini ugxeke umnyango ngokwehluleka ukubhekana nokubulawa kwezinduna.
“Aseneme ngendlela uhulumeni waKwaZulu-Natal osiphethe ngayo. Sibulawa nje akukho esingakwenzile sixhumana nohulumeni waKwaZulu-Natal, kodwa sibona sibukelwa phansi. Siyafisa kuke kubhekisiswe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal.
“Siyinhlangano siyakugxeka futhi asihambisna nabantu ababulala ubuholi bomdabu. Le nto ifana nokuthi sizibulala thina siyindlu emnyama ngoba le nto iyona kuphela esayishiyelwa okhokho. Konke okunye esinakho okwezizwe.”
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mzila, uthe umnyango uzoziphenya izinsolo zokuthi induna ibimiselwe umholo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMontclair aphenya icala lokubulala kulandela ukubulawa kukaMqondisi, oshaywe eranki yamatekisi eWema. UConstable Ngcobo uthe icala lokubulawa kwenduna nomkayo liphenywa amaphoyisa aseZinqoleni.