LIHLEHLISELWE uNovemba icala lephoyisa elisolwa ngokubulala ngokudubula abesifazane ababili ebelithandana nabo KwaNyuswa, ngaseThekwini, emasontweni amabili adlule.
UConstable Mlungisi Blessing Sikhakhane (27) uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown izolo.
Imantshi uGwendolyn Robinson ilihlehlisele uNovemba 7 icala okuwusuku okulindeleke ukuthi uSikhakhane afake isicelo sebheyili.
Bekubhekeke ukuthi lokhu akwenze izolo kodwa ummeli wakhe, uMinoj Harripersad wacela inkantolo ukuthi imnikeze isikhathi esithe xaxa ukuze axhumane nofakazi.
Labo fakazi uthe waziswe wuphiko oluphenya izenzo zamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate ukuthi ngeke lubasebenzise, ngakho yenawabona ukuthi kumele axhumane nabo.
Ugcizelele ukuthi kubalulekile axhumane nofakazi, okulindeleke abasebenzise uma uSikhakhane esecela ibheyili.
Esehlakalweni kwashona uNksz Enhle Majozi (18) noNksz Sithembile Ngobese(24) okusolwa uSikhakhane ukuthi wabadubula besendlini yakhe.
Abesifazane bobabili kuthiwa babenamanxeba okudutshulwa emakhanda nasemizimbeni futhi baqinisekiswa ngabezimo eziphuthumayo ukuthi bashonela endaweni yesigameko.
Kwatholakala amagobolondo ezinhlamvu esezisebenzile angu-11endaweni yesehlakalo, esenzeka ngo-Okthoba 14.
Enkantolo izolo yomibili imindeni yababulawa ithe iyamesaba umsolwa futhi kayiphephile uma engase akhishwe ngebheyili.Ibe isinxenxa abantuukuthi basayinde incwadi etholakala kwisizindalwazi esithi: http://www.change.org/p/justice-for-enhle ukuze kufakelwe inkantolo ingcindezi yokuthi incishe uSikhakhane ibheyili.
“Yomibili imindeni izwe ubuhlungu obungachazeki, esehlakalweni esenziwa yindoda okumele ngabeyafunga ngokweqiniso ngesikhathi ingena embuthweni wamaphoyisa ukuthi iyowuvikela umphakathi. Imindeni yethu isengcupheni uma enikwa ibheyili. Ngakho asifuni aphume ejele,” kusho imindeni esitatimendeni.