WETHUSE abaningi umfundisi webandla labasindisiwe evuma emsakazweni Ukhozi FM ukuthi unoxhaxha lwezintombi ngaphakathi ebandleni.
Unamakhosikazi amabili futhi kulezi zintombi ezikhona, uhlela ukukhetha ezintathu azozishada ngo-Okthoba kulo nyaka.
Lo mfundisi odume ngelika King Prophet Sazi Ndwandwe webandla iHealing Hour Emmanuel Global Ministries, ingxoxo yakhe nomsakazi walo msakazo, uNomfundo Mkhize, isisabalele ezinkundleni zokuxhumana kanti abantu abawuvali umlomo, ngisho abangabazalwane baleli bandla.
Leli bandla linamagatsha amaningi KwaZulu-Natal okubalwa kuwo KwaNongoma, eThekwini, Mtubatuba, oLundi, Ophongolo naseMnambithi.
Ekhuluma neSolezwe ngoMgqibelo, uNdwandwe uzwakale emangala ngabanenkinga ngendlela aziphatha ngayo. Uthi akuyona imfihlo ukuthi unenqwaba yezintombi ebandleni, nangaphandle kwasebandleni uthi unazo.
“Mina uma ngibone intombi ngayithanda, ngiyayitshela bese kuya ngokuthi siphathana kanjani nayo.
“Uma sengibona sesithandana ukuthi ayiziphethe kahle, siyahlukana.
“Nginazo zona izintombi futhi ngilungiselela ukuthatha ezintathu, zibe ngamakhosikazi ami ungakashayi u-Okthoba kulo nyaka.”
Uthe kulezi zintombi zikhona ezisagcwele mpu nezinye ezingasaphelele. “Abangakathintwa, nami angibenzi lutho.
“Ngibagcinela umshado kanti asebethintiwe, nami ngiyaqhubeka nokubathinta ngoba sebeyayazi indoda. Uma ngibagcina bazoqhubeka nokuthintwa ngabanye abafana ngasese.”
Echaza ukuthi kungani enesithembu futhi ehlobonga nabanye abantu besifazane ekubeni engumfundisi osindisiwe, uNdwandwe uthe yena akafuni ukuphila impilo yamanga njengabanye abefundisi.
“Mina ngiyindoda yomZulu. Abanye bakholelwa ukuthi uNkulunkulu okupha umfazi, mina ngineso lokubona umfazi wami.
“Izishimane ezithi ziyaboniswa. Yizo lezi ezijola emakhoneni, zilalane bese kukhishwa nezisu. Mina ngiyinsizwa yomZulu esakhuzela uma ibona intombi eyithandayo.”
Uthe nasemandulo kunamadoda kaNkulunkulu ayenenqwaba yezancinza.
“Mina angiholwa yizwi kodwa ngilandela umgomo wakwaNdwandwe. Mina nganikezwa izwe kwathiwa angibuse kulo.”
UNdwandwe uthe iningi labazalwane liyamjabulela ngoba wenza umehluko ezimpilweni zabo.
Kodwa ngesikhathi leli phephandaba likhuluma namanye amalungu aleli bandla, asho okwehlukile.
“Abanye bethu abaneme neze ngoba sikhonza namadodakazi ethu.
Njengoba siyibandla labasindisiwe nje, akuzwakali kahle ukuthi umfundisi wethu unesithembu futhi aphinde abe noxhaxha lwezintombi.”
Ukuthola ukuphawula kwamakhosikazi kaNdwandwe kugcine kungaphumelelanga.