KWEHLE umthwalo kutholwa umngani wakhe obekusolwa ukuthi wamenzakalisa kowesifazane obeselala obenyoni ngenxa yezinsongo zokubulawa.
UNksz Asive Mvunelo (24) wakwaDesai, eMariannhill, leli phephandaba elibike ngokunyamalala kwakhe emva kokuthintwa wumndeni, kuthiwa wayegcine ukubonakala evakashele kamngani wakhe, uNksz Sonto Mchunu (24), wasendaweni ngoNcibijane.
Umndeni kaNksz Mvunelo ubusola uNksz Mchunu ngokuthi kungenzeka ukuthi umenzakalisile, okuthe emasontweni amabili edlule walethwa ngamaphoyisa kubo ewumqemane. Kuvele ukuthi utholwe eMandeni futhi ubukeka ephile saka.
UNksz Mchunu uthe selokhu kwasabalala lezi zinsolo, ubesephilisa okwenyamazane futhi elala obenyoni yena nezingane zakhe ezimbili, eneminyaka eyisithupha nenezinyanga eziyisishiyagalolunye, athe uhlala nazo kuphela.
“Bese kuthi noma ngiya kothenga ezitolo ngiqashe imoto ngoba wonke umuntu ubengibuka njengombulali. Okubuhlungu wukuthi selokhu ebuyile, ngisezwe ngamaphoyisa, akekho owakubo osezile kimina wazongazisa ekubeni ngesikhathi elahlekile bangihlasela bethi angimkhiphe futhi kukhona namalungu omphakathi ayethi angibulawe,” usho kanje.
Yize umndeni kaNksz Mvunelo uthe akekho esimeni sokukhuluma kodwa uNksz Mchunu uthe utshelwe ukuthi usesimeni esihle futhi akakhombisi ukuthi kukhona ukuhlukumezeka abekuthola.
Uthe kuthiwa utholwe ngabesilisa ababili ehlathini eMandeni bamhambisa esiteshini samaphoyisa eSundumbili okuyilapho kushayelwe amaphoyisa aseMariannhill amthatha amhambisa emndenini.
Ngesikhathi uNksz Mvunelo enyamalala, kuthiwa wayevakashele uNksz Mchunu,owumngani wakhe, bebhiyozela ndawonye uNcibijane, okuthe ngakusasa uNksz Mvunelo waba ngumuntu oyokhipha imali ezitolo KwaMamdekazi ehamba ngezinyawo ngoba kuseduze, kwaba wukugcina ukubonakala kwakhe. UNksz Mchunu wagxekwa kakhulu komunye umbhalo, Isolezwe elinawo, owawufakwe ezinkundleni zokuxhumana kuchonywe nesithombe sakhe (uNksz Mchunu).
Emva kwalezi zinsolo uNksz Mchunu wazifikela mathupha emahhovisi eSolezwe eqinisekisa ukuthi okwakushiwo ngaye kungamampunge, ekhala nangenhlalo ethi uhlaselwa ngamalungu omphakathi.
UNksz Zandile Mvunelo, oyilungu lomndeni wobedukile, ethintwa yiSolezwe, ukuqinisekisile ukuthi uNksz Mvunelo ulethwe ngamaphoyisa, wathi uphile kahle kodwa akukho asabatshele kona ngoba “akekho esimeni sokukhuluma”.
“Esikwaziyo wukuthi utholwe eMandeni, amaphoyisa amletha, okwamanje akukho asasitshele kona. Ngeke sikuqinisekise ukuthi ukuhamba kwakhe akuhlangene nomngani wakhe futhi asikwazanga ukuyombikela ukuthi usetholakele ngoba sasinikwe umyalelo ngamaphoyisa wokuthi singaxhumani naye,” kusho uNksz Mvunelo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela izolo, amaphoyisa aKwaZulu-Natal engayiphendulile imibuzo ethunyelwe yileli phephandaba ngalesi sigameko.