SITHOLWE umuntu obeluse izinkomo emzini ongasahlali muntu sesonakele isidumbu somfundi waseDlovinga, eZinqoleni obekubikwe ukuthi udukile.
Isidumbu sika-Aphelele Cwele (15) obefunda uGrade 10, ePort Shepstone Secondary sitholwe ngoLwesithathu ekuseni sinamanxeba okulimala esiphongweni.
Ubebikwe umndeni wakhe emaphoyiseni ukuthi ulahleke ngeSonto, ngo-Agasti 7.
UMnuz Siba Cwele, uyise ka-Aphelele, uthe bathole ucingo obelubazisa ngesidumbu esitholakele okuthe uma beya khona bafica umufi.
Ulandise wathi u-Aphelele waphuma kubo ngo-1 entathakusa ngosuku anyamalala ngalo waya kumuntu ongaziwa.
UCwele uthe lokhu bakuthole ngengane yentombazane eyayivakashile eyayilele egunjini elilodwa no-Aphelele.
“U-Aphelele watshela le ngane ukuthi abahambe bazosheshe babuye ekhaya kodwa yanqaba. Yena waphuma wahamba kanti kuzoba ukumngcina kwethu ephila,” kusho uCwele ngosizi.
Iphini likasihlalo wekomiti lezokuphepha eZinqoleni, uMnuz Ronnie Khomo, lithe umphakathi ushaqekile futhi uhlalele ovalweni ngoba zine izingane ezinyamalele kule ndawo.
Uchaze umuzi okutholwe kuwona u-Aphelele ngokuthi ungamagumbi amabili angenazo izicabha namawindi, uphahla oluwohlokayo olushodelwa othayela.
Uveze nokuthi egcekeni kukhona indlu karawondi osuzikhathalele.
“Sisele sikhathazekile, siphithene amakhanda siphatheke kabi. Isimo asikakabi kahle endaweni emuva kwalesi sehlo. Kunemindeni emine enezingane ezidukile ezingakatholakali namanje,” kusho uKhomo
Udalule ukuthi umnikazi womuzi wangenelwa abantu bambulala kwasala abafana bakhe abashaywa babaleka. Uthe abantu bakulo muzi babengezona izixhwanguxhwangu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kayaziwa imbangela yesigameko futhi kuphenywa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa saseZinqoleni.