UMMANGALELWA wesithathu ecaleni lokusocongwa kwephoyisa loMkhandlu weTheku, uxwayiswe yinkantolo ngokuthi akahlukane nokuzama ukuxhumana nofakazi baleli cala.
Izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini bekuvele abamangalelwa abathathu abasolwa ngokuba ongqondongqondo ekusocongweni kukaCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela.
UNtombela wadutshulwa esemzini wakhe okwaS eMlaza ngoMeyi 3 nyakenye.
Waphuthunyiswa eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Abamangalelwa kuleli cala nguNkk Faith Nongcebo Ntombela owayegane umufi, kube yinkabi evele isezikhindini uKhulani Cele noMnuz Justice Khumalo onguthishanhloko waseMpumulwane Primary, KwaMaphumulo.
Izolo kuvele ukuthi uKhumalo uke wazama ukuxhumana nabanye ofakazi kuleli cala.
IJaji uBruce Bedderson limxwayisile uKhumalo ngalesi senzo sakhe.
"Awuvumelekile ukuthi ungaxhumana nanoma yimuphi ufakazi kuleli cala. Lokho kungukuphula imibandela yakho yebheyili. Ngiyethemba uyakuqonda lokho."
Umthombo osondelene nalolu daba uveza ukuthi uKhumalo uvakashele inkabi esivele isejele uMzo Ntombela okunguyena owadubula.
Kuthiwa uzame ukumnxenxa ukuba angabethuli ubufakazi kuleli cala okanye angaliphathi igama lakhe uma esebethula.
Umthombo uthe kukhona uKhumalo akuthembise inkabi uma izolandela umyalelo wakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi le nkabi yagonyuluka yaveza konke okwenzeka ngokusocongwa kukamufi maqede inkantolo yayigweba.
Yadalula ukuthi ibikade isebenzisana noNkk Ntombela nabanye. Yaveza nokuthi yanunuselwa ngesamba semali enkulu eyahluleka ukusenqaba.
UMshushisi uKrishen Shaah ukuvezile eNkantolo izolo ukuthi batholile ukuthi uKhumalo uke wenza imizamo enjalo.
Ummeli kaKhumalo u-Advocate Mdu Mvune uphikile ukuthi lokhu kuke kwenzeka phambilini.
Icala lihlehlele uJulayi 25 ukuze uCele athole ummeli.