Ligcine linquma ukuthi lihlehliselwe inamuhla icala lokubulawa kowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, ijaji ngesikhathi ummeli echitha imephu obekuzofakazwa ngayo ngoLwesine.
Ngokwezinhlelo, bekuzogxilwa emephini ekhombisa imibhishongo okuthiwa kwakudonsa kuyo amaselula abamangalelwa ngosuku okwabulawa ngalo uMeyiwa.
Nokho kuthe uMshushisi woMbuso, u-Advocate Ronnie Sibanda, eselungiselela ukuhola ubufakazi bemephu bukaNksz Pinky Vythilingm, oyisikhulu senkampani yamaselula iVodacom, washaya phansi ngonyawo u-Adv Charles Mnisi, ongummeli kammangalelwa wesithathu, uMthobisi Mncube.
UMnisi uthe yena ubelindele ukuthi kulethwa imephu ekhombisa zonke izindawo ezithintekayo ngesigameko.
USibanda uveze ukuthi bona ngokwabo, bebethe uNksz Vythilingam akalethe imephu ekhombisa kuphela indawo eyakhele imibhishongo okuthiwa iyathinteka.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi yiziphi ezinye izindawo abazifunayo,” kusho uSibanda ebhekise kuMnisi ngesiphakamiso sakhe.
UMokgoatlheng ubuzisise uSibanda ukuthi emephini kuvezwe kuphela izindawo uMbuso ozibone zibaluleke kuwo, uSibande uphendule ngelithi izindawo ezivezwa yimephu yilezo ezibalulwa uSection 205.
Enza isibonelo, uMnisi uthe bazame kaningi ukuthola ukuthi ithawa ethile ikuphi nendawo, wengeza ngokuthi ngisho nehostela, iBasuthu (okuthiwa abasolwa baya kulo) aliveli kule mephu abakhonjiswa yona.
“Ezinye zalezi zindawo ezingaveli, sizobuza imibuzo ngazo uma sesihloma ufakazi ngemibuzo,” kusho uMnisi.
Ugcizelele ngelithi okwamanje uMbuso usakhetha izindawo ezithandwa yiwo, hhayi lezi abazifunayo bengabameli.
“Sicele ukuthi basikhombise ukuthi ikuphi iBasuthu Hostel kule mephu, basitshela ukuthi kungenzeka ukuthi ila ingezansi, asikwazi ke ukusebenza ngento enjalo,” kubhikisha uMnisi.
URatha ugcine enquma ukuthi ayiguqe inkantolo, uMnisi athole ithuba elanele lokuthi enze uhlu lwazo zonke izindawo afuna ukuzibona emephini, alunike uNksz Vythilingam ukuze abuye nalo namuhla.
UVythilingm uveze ukuthi nakuba kungahle kube nzima ukwenza okushiwo uMnisi ngesikhathi esifishane kodwa uzozama ngakho konke okusemandleni.