SEKUNTWELA ezansi emndenini wakwaNgwenya endaweni yaseTatane, Estcourt njengoba sekuqalile ukwakhiwa kwendlu yawo. Le ndlu yakhiwa yinyanga eyaziwayo kule ndawo uMnuz Vusumuzi Cyril "Dkt Gadlabhubesi" Mkhize ngemali ethi iyikhiphe ephaketheni layo. Isolezwe libikile ngosizi lwalo mndeni ompintshene endlini yodaka ehlale idilika ngezikhathi zasehlobo. UGadlabhubesi uthe uthintekile kakhulu uma ebona indlela lomndeni uhlupheka ngayo. Uthe uqale ukwazi ngawo eseyikhansela lale ndawo kodwa wahluleka ukuthola usizo. Isolezwe lazibonela elethele lo mndeni ukudla okuhlukahlukene ngenxa yokuthi ubuye ulale ungadlile njengoba kungasebenzi muntu. UGadlabhubesi uthe lokhu akwenza kaNgwenya yindlela abuyisela ngayo emphakathi omesekayo emsebenzini wobunyanga nowokusebenzela umphakathi ngokuzikhandla, engabheke nzuzo.
Umnikazi walo muzi, uNksz Nomdakane Ngwenya (38) uthe akazi engambonga ngani uGadlabhubesi ngalolu sizo amnikeze lona ngoba ubengazi uzothathani, ahlanganise nani ukuze axoshe ikati eziko kwakhe.
Uthe usizi lwabo lwaqala ngesikhathi kubulawa ubaba wekhaya ngo2016.
"Kusukela lapho siqalile ukubhuqwabhuqwa yindlala njengoba bekungasekho muntu osebenzayo. Nami angikwazi ukufuna amatoho ngenxa yokuthi ngiwumuntu ohlala ngokugula.Siphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni esiqondene nabantwana ababili." Uthe uhlala nezingane zabafana ezimbili, eneminyaka ewu-18 neneminyaka ewu-14 nentombazane eneminyaka ewu-15. "Kuyasiphoqa ukuthi sisheshe sivuke sigeze ngoba lezi zingane zabafana zisuke zisalele njengoba silala endlini eyodwa." Uthe engakujabulela ukuthola indlu yomxhaso ukuze nabo baphile njengabanye abantu.
Isolezwe lizibonele impahla yokwakha enjengama-blocks, uthayela namasaka kasimende futhi nabakhi besebeqalile ukuba isisekelo salapho kuzokwakhiwa khona indlu.