ABANTU bakuleli banikezwe kuze kube inamhlanje ukuba baphawule ngokulungela umsebenzi kwalabo abagaqele isikhundla sokuba umehluleli omkhulu.
Ukuthathwa kwemibono yomphakathi kuzovalwa namhlanje.
Bane asebesele kulo mjaho wokuthola ozongena ezicathulweni zikaJaji Mogoeng Mogoeng, oshiye esikhundleni ngonyaka owedlule.
Kumagama okuzohlungwa kuwo kukhona elobambe njengomehluleli omkhulu, iJaji uRaymond Zondo, inhloko yamajaji eGauteng, iJaji uDunstan Mlambo namaj aji aseNkantolo yoMthethosisekelo, iJaji uMbuyiseli Madlanga neJaji uMandisa Maya.
La majaji amane azokuya kwinhlolokhono ngenyanga ezayo, ngaphambi kokuthi kukhethwe ozokuba ngumehluleli omkhulu. Ahlungwa wumengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, emagameni ayisishiyagalombili ayekade ewathunyelwe ukuba kuqokwe kuwo ozokuba umehluleli omkhulu.
Phakathi kwamagama kwakukade kukhona eloMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, kanye nelikamengameli wamajaji esifundazweni iWestern Cape, iJaji John Hlophe.